Skip to content
Isifingqo senkolelo ze-Islam

Isifingqo senkolelo ze-Islam

Le ncwadi ichaza izisekelo zokholo, ezihlanganisa ukukholwa ku-Allah, ezingelosini zakhe, ezincwadini zakhe, ezithunyweni zakhe, oSukwini lokugcina, nasekudalelweni. Le ncwadi yethula izimiso eziyisisekelo okumele iMuslim akholwe kuzo futhi enze ngokuvumelana nazo, igcizelela ukubaluleka kokuqinisa ubudlelwano no-Allah ngokuzwisisa okujulile inkolelo ze-Islam.

Language: lang_zu
Prepared by: uMuhammad bin Salih Al-Uthaymeen
Version: 1.2

Isifinqo ngenkolelo ze-Islam

Ngosiba lukamhlonishwa umfundisi, isazi esikhulu.

uMuhammad bin Salih al-Uthaymeen

U-Allah amthethelele, nabazali bakhe, kanye namaMuslim.

Egameni lika-Allah, Onomusa, Onesihawu.

Isingeniso

Ngempela, udumo lonke lungoluka-Allah, siyamdumisa, simcela usizo, simcela intethelelo, futhi siphendukela kuye, Futhi siphephela ku-Allah ebubini bemiphefumulo yethu, nasezenzweni zethu ezimbi, Noma ngubani oholwa u-Allah, akekho ongamdukisa, futhi noma ngubani amdukisayo, akekho ongamhola. Futhi ngiyafakaza ukuthi akukho okukhonzwayo ngokweqiniso ngaphandle kuka-Allah, Yedwa, akanaye umhlanganyeli, Futhi ngiyafakaza ukuthi uMuhammad uyinceku yakhe nesithunywa sakhe, sengathi u-Allah angambusisa, kanye nomndeni wakhe, nabangane bakhe, nalabo ababalandela ngokulunga, futhi amuphe ukuthula okukhulu.

Ngempela ulwazi lokumenza munye luwulwazi oluhlonipheke kakhulu, nolukhulu ngesithunzi, noluyisibopho esikhulu kunazo zonke ukuba lufunwe; ngoba luwulwazi ngo-Allah oPhezukonke, nangamagama ahke, nezimfanelo zaKhe, namalungelo akhe phezu kwezinceku zaKhe, futhi ngoba luyisihluthulelo sendlela eya ku-Allah oPhezukonke, nesisekelo semithetho yakhe.

Ngenxa yalokho: Izithunywa zavumelana ekubizeleni kuye, u-Allah oPhezukonke wathi: "Asithumelanga isithunywa ngaphambi kwakho ngaphandle kokuba sembule kuso ukuthi, “Akukho Nkulunkulu ngaphandle kwami, ngakho-ke Ngikhonzeni.” (25) [Al-Anbiya:25].

Wazifakazela Yena oPhezukonke ngobunye, kwafakaza ngabo kuye izingelosi zaKhe nabantu bolwazi. U-Allah oPhezukonke wathi: "U-Allah ufakaza ukuthi akekho unkulunkulu (ofanele ukukhonzwa) ngaphandle kwakhe, nezingelosi nabanolwazi, emi ngobulungiswa. Akekho unkulunkulu ngaphandle kwakhe, Ophakeme Ngamandla, unohlakanipho konke." (18) [Al-Imran:18].

Njengoba lokhu kuyisimo se-Tawhid, kwakuyisibopho kuwo wonke amaMuslim ukuthi ayinakekele ngokufunda, ngokufundisa, ngokuzindla, nangokukholwa; ukuze akhe inkolo yakhe esisekelweni esiqinile, sokuthula kwengqondo nokuzinikela; ukuze ajabulele izithelo nemiphumela yako.

U-Allah unguMniki wempumelelo.

Umbhali

Inkolo ye-Islam

Inkolo ye-Islam: Yinkolo u-Allah Ayithumele ngoMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) futhi wavala ngayo izinkolo, wayiphelelisa ezincekwini zaKhe, waphelelisa ngayo umusa waKhe phezu kwazo, futhi wayikhetha ukuba ibe yinkolo yazo. Ngakho-ke, akamukeli kunoma ngubani enye inkolo ngaphandle kwayo. Wathi u-Allah oPhezukonke: "UMuhammad akayena ubaba wanoma ngubani emadodeni enu, kepha uyisithunywa sika-Allah nophawu lwabaphrofethi. Futhi u-Allah unguMazi wazo zonke izinto." [Al-Ahzab:40].

Wathi oPhezukonke: "...Namuhla ngiyiphelelisele kini inkolo yenu, futhi ngiwugcwalisile umusa wami phezu kwenu, futhi nginikhethele i-Islam ukuba ibe yinkolo..." [Al-Ma'idah:3].

Wathi oPhezukonke: "Ngempela inkolo ku-Allah yi-Islam..." [Al-Imran:19].

Wathi oPhezukonke: "Futhi noma ngabe ngubani ofuna enye inkolo ngaphandle kwe-Islam, ayisoze yamukelwa kuye, futhi empilweni ezayo uyoba ngomunye wabalahlekelweyo." [Al-Imran: 85].

Futhi u-Allah oPhezukonke wamisela phezu kwabo bonke abantu ukuthi bamkhonze ngayo, wayesethi ekhuluma nesiThunywa sika-Allah (ukuthula nezibusiso zika-Allah kube kuye): "Ithi, “O nina bantu, ngempela ngiyisiThunywa sika-Allah kunina nonke, Yena okungokwakhe umbuso wamazulu nomhlaba. Akekho unkulunkulu ngaphandle kwakhe; uyaphilisa futhi uyabulala. Ngakho-ke kholwani ku-Allah nasesiThunyweni sakhe, uMphrofethi ongafundile okholwa ku-Allah nasemazwini akhe. Futhi nimlandele ukuze niholwe.” (158) [Al-A'raf:158].

Futhi kuyiSahih Muslim: ngo-Abu Hurayrah (u-Allah ajabule ngaye), olande kuSithunywa sika-Allah (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye), ukuthi wathi: «NgaLowo umphefumulo kaMuhammad osesandleni saKhe, akekho muntu kulesi sizwe, umJuda noma umKrestu, ozwa ngami, bese efa engakholwanga kulokho engithunywe ngakho, ngaphandle kokuba abe ngomunye wabantu basemlilweni.»[1]. [1] Ilandiswe nguMuslim: Incwadi Yokukholwa, isahluko sokuphoqeleka kokukholwa emlayezweni womPhrofethi wethu uMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) oya kubo bonke abantu kanye nokuchithwa kwezinye izinkolo yinkolo yakhe, inombolo (153).

Futhi ukukholwa kuye: kungukuqinisekisa lokho eze nakho kanye nokukwamukela nokuzithoba, hayi ukuqinisekisa nje kuphela; yingakho u-Abu Talib ayengesiye okholwayo esiThunyweni (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube phezu kwakhe), naphezu kokuqinisekisa kwakhe lokho eze nakho, nobufakazi bakhe bokuthi ingenye yezinkolo ezinhle kakhulu.

Inkolo ye-Islam iqukethe zonke izinzuzo ezaziqukethwe yizinkolo ezedlule, ivelele kuzo ngokufaneleka kwayo kuzo zonke izikhathi, izindawo, nasezizweni zonke. Wathi u-Allah oPhezukonke ekhuluma nesiThunywa saKhe: "Futhi sehlisele kuwe iNcwadi ngeqiniso, ifakazela lokho okwaphambi kwayo kweNcwadi futhi ingumlondolozi phezu kwayo..." [Al-Ma'idah:48].

Incazelo yokuba kwayo ilungile kuzo zonke izikhathi, izindawo, nezizwe: ukuthi ukubambelela kuyo akuphikisani nokuzuzisa isizwe kunoma isiphi isikhathi, noma indawo, kunalokho, kungukulunga kwayo; futhi lokho akusho ukuthi ingaphansi kwazo zonke izikhathi, izindawo, nezizwe, njengoba befisa abanye abantu.

Inkolo ye-Islam: iyinkolo yeqiniso, futhi u-Allah oPhezukonke uqinisekisile kulowo obambelele kuyo ngobuqiniso ukuthi uzomnika ukunqoba, futhi amenze anqobe phezu kwabanye. Wathi u-Allah oPhezukonke: "Nguye owathumela isithunywa saKhe nesiqondiso nenkolo yeqiniso, ukuze ayenze inqobe phezu kwenkolo yonke, noma ngabe abahlanganyeli bekuzonda." (9) [As-Saff:9].

Wathi oPhezukonke: "u-Allah uthembise labo abakholwayo phakathi kwenu futhi abenza izenzo ezilungileyo ukuthi ngempela uyobenza abalandelayo emhlabeni njengoba enza abalandelayo labo ababengaphambi kwabo, futhi ngempela uyobamisela inkolo yabo ayikhethele bona, futhi ngempela uyoguqula ukwesaba kwabo kube ukuphepha. Bayangikhonza bengangihlanganisi nalutho. Futhi lowo ongakholwa emva kwalokho, khona-ke labo yibona abaphambukayo." (55) [An-Nur:55].

Inkolo ye-Islam: iyinkolelo, nomthetho, futhi iphelele enkolelweni yayo nasezimisweni zayo:

1-iyalela ngobunye buka-Allah oPhezukonke, nokwenqabela ukumenzela abahlanganyeli.

2- Iyalela ukwethembeka, futhi inqabela amanga.

3- Iyalela ngobulungiswa futhi inqabela ukucindezela. Futhi ubulungiswa buwukulingana phakathi kwezinto ezifananayo nokwehlukanisa phakathi kwezinto ezihlukile. Ubulungiswa abuwona ukulingana okuphelele njengoba abanye abantu besho lapho bethi: “Inkolo ye-Islam iyinkolo yokulingana,” besho lokho ngaphandle kokuchaza. Ngokuba ukulingana phakathi kwezinto ezihlukile kuwukucindezela i-Islam engezi nakho, futhi omenzayo akadunyiswa.

4- Iyalela ukwethembeka futhi inqabela ukungathembeki.

5- Iyalela ngokwethembeka futhi inqabela ukukhaphela.

6- Iyalela ngokwenza okuhle kubazali, futhi inqabela ukubaphatha kabi.

7- Iyalela ngokugcina ubuhlobo nezihlobo, futhi inqabela ukubugqashula.

8- Iyalela ngobuhle bobumakhelwane, futhi inqabela ebubini babo.

Ngokuvamile: (i-Islam) iyala ngakho konke ukuziphatha okuhle, futhi iyenqabela konke ukuziphatha okubi. Iphinde iyale ngazo zonke izenzo ezilungileyo, futhi iyenqabele zonke izenzo ezimbi.

U-Allah oPhezukonke wathi: "Ngempela u-Allah uyala ngobulungiswa nokwenza okuhle nokupha izihlobo, futhi uyenqabela izenzo eziyichilo nobubi nocindezelo. Uyaneluleka ukuze nikhumbule." (90) [An-Nahl:90].

Izinsika ze-Islam

Izinsika ze-Islam: yizisekelo zalo olwakhelwe phezu kwazo, futhi ziyisihlanu: Kubaluliwe kulokho okulandiswe ngu-Ibn 'Umar (u-Allah akajabule ngabo bobabili) kusuka kuMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) ukuthi wathi: "I-Islam yakhelwe phezu kwezinhlanu: phezu kokuthi u-Allah enziwe munye - futhi kokunye ukulandisa, phezu kwezinhlanu -: ubufakazi bokuthi akukho ofanele ukukhonzwa ngeqiniso ngaphandle kuka-Allah, nokuthi uMuhammad uyinceku yaKhe nesiThunywa saKhe, nokumiswa kweSalāh, nokukhishwa kweZakat, nokuzila iRamadhan, kanye neHajj." Khona-ke yathi indoda: iHajj, nokuzila kweRamadan? Wathi: «Cha, ukuzila kweRamadan, neHajj» Kanje ngakuzwa kuMthunywa ka-Allah, ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye[2]. [2] Kulandiswe nguBukhari: Encwadini Yokholo, ngenombolo (8), kanye noMuslim: Encwadini Yokholo, esahlukweni esithi Amazwi oMprofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube phezu kwakhe) i-Islam yakhelwe phezu kwezinto ezinhlanu, ngenombolo (16).

1- Ngokuqondene nobufakazi bokuthi akukho ofanele ukukhonzwa ngeqiniso ngaphandle kuka-Allah, nokuthi uMuhammad uyinceku yaKhe nesiThunywa saKhe, buyinkolelo eqinisekile evezwa ngolimi ngalobu bufakazi, kube sengathi ngokuqiniseka kwakhe kulokho uyakubona, futhi lobu bufakazi benziwa insika eyodwa yize kuningi okufakazwayo:

Ngoba isiThunywa sidlulisa umyalezo ovela ku-Allah Ophakeme, khona-ke ukumfakazela ngobunceku nangobuthunywa kuphelelisa ubufakazi bokuthi akukho ofanele ukukhonzwa ngeqiniso ngaphandle kuka-Allah.

Noma kungenxa yokuthi lezi zifakazo ezimbili ziyisisekelo sokunemba kwezenzo nokwamukelwa kwazo; njengoba isenzo singabi nokunemba futhi singamukelwa, ngaphandle kobuqotho ku-Allah oPhezukonke kanye nokulandela isiThunywa sakhe, ukuthula nezibusiso zika-Allah makube phezu kwakhe.

Ngobuqotho ku-Allah kuyafezeka ubufakazi bokuthi: akukho okukhonzwayo ngoqiniso ngaphandle kuka-Allah, futhi ngokulandela isiThunywa sika-Allah kuyafezeka ubufakazi bokuthi: uMuhammad uyinceku yakhe nesithunywa sakhe.

Phakathi kwezithelo zalo bufakazi obukhulu wukukhululwa kwenhliziyo nomphefumulo ekubeni yinceku yezidalwa, nasekulandeleni labo abangeyizo iziThunywa.

2- Kepha ukumisa umthandazo: kungukukhonza u-Allah oPhakeme ngokuyenza ngokuqondile nangokuphelele ezikhathini zayo, nasezimeni zayo.

Futhi phakathi kwezithelo zako: ukuthula kwenhliziyo, nentokozo ejulile, nokwenqabela izenzo eziyichilo nobubi.

3- Ukunikeza: iZakat kungukukhonza u-Allah Ophakeme ngokunikela ngesilinganiso esiyimpoqo empahleni okufanele kukhishwe kuyo iZakat.

Phakathi kwezithelo zayo: ukuhlanjululwa komphefumulo esimilweni esibi (ubuncishane) kanye nokusuthisa izidingo ze-Islam kanye namaMuslim.

4- Ukuzila kweRamadan: wukukhonza u-Allah oPhezukonke ngokuzibamba ezintweni ezephula ukuzila emini yaseRamadan.

Futhi ezithelweni zayo: ukuqeqesha umphefumulo ekushiyeni izinto ezithandekayo; ngokufuna ukuthokoza kuka-Allah.

5- Mayelana neHajj yaseNdlini: kuwukukhonza u-Allah oPhakeme ngokuqonda iNdlu eNgcwele; ukwenza imicikilisho yeHajj.

Futhi phakathi kwezithelo zayo: ukuqeqesha umphefumulo ekunikeleni ngomzamo wezimali nowomzimba ekulaleleni u-Allah; ngenxa yalokhu iHajj iwuhlobo lweJihād endleleni ka-Allah.

Lezi-ke izithelo esizibalulile zalezi zisekelo, kanye nalezo esingazibalulanga, zakha isizwe samaMuslim esihlanzekile nesimsulwa, esikhonza u-Allah ngenkolo yeqiniso, nesiphatha izidalwa ngobulungiswa nangobuqotho; Ngokuba eminye imithetho ye-Islam ilunga ngokulunga kwalezi zisekelo, futhi izimo zomphakathi ziyalunga ngokulunga kodaba lwenkolo yawo, futhi uphuthelwa ukulunga kwezimo zawo ngezinga ophuthelwa ngalo ekulungeni kwezindaba zenkolo yawo.

Futhi ofuna ukucaciswa kwalokho makafunde izwi lakhe oPhezukonke: Futhi ukube abantu basemizini babekholwa futhi besaba u-Allah, ngabe sabavulela izibusiso ezivela ezulwini nasemhlabeni, kodwa baphika, ngakho-ke sababamba ngalokho ababekuzuza 96 Ngakho-ke ingabe abantu bemizi bazizwa bephephile ekutheni isijeziso sethu sibaficele ebusuku belele? 97 Noma ingabe abantu basemadolobheni bazizwa bephephile esijezisweni sethu esingabafikela emini bezidlalela? 98 "Ingabe bazizwa bephephile ecebeni lika-Allah? Kodwa akekho ozizwa ephephile ecebeni lika-Allah ngaphandle kwabantu abalahlekelweyo." (99) [Al-A'raf:96-99].

Futhi makabheke emlandweni walabo abadlulileyo; ngoba ngempela umlando uyisifundo kulabo abanokuqonda, nokukhanyiselwa kulowo inhliziyo yakhe engenasisithezo. U-Allah unguLowo ocelwa kuye usizo.

Izisekelo zokholo lwe-Islam

Inkolo ye-Islam - njengoba sesike sachaza ngaphambili - iyinkolelo nomthetho, futhi sesike saphawula ngokuthile kwemithetho yayo, sabalula nezinsika zayo ezibhekwa njengesisekelo semithetho yayo.

Ngokuqondene nenkolelo ze-Islam, izisekelo zayo yilezi: Ukukholwa ku-Allah, nasezingelosini zaKhe, nasezincwadini zaKhe, nasezithunyweni zaKhe, nasoSukwini Lokugcina, nasemnqamulweni: okuhle nokubi kwawo.

Futhi lezi zisekelo ziboniswe yiNcwadi ka-Allah, neSunnah yesiThunywa saKhe, ukuthula nezibusiso zika-Allah makube phezu kwakhe.

Futhi kwiNcwadi ka-Allah Ophakeme wathi: "Akukhona ukulunga ukuphendula ubuso benu ngasempumalanga naseNtshonalanga, kodwa ukulunga yilowo okholwa ku-Allah nasosukwini lokugcina, nasezingelosini, naseNcwadini, nabaphrofethi..." [Al-Baqarah:177], Futhi uthi kwiQadar: "Ngempela, yonke into sayidala ngesilinganiso." (49) "Futhi umyalelo wethu uyinto eyodwa nje, njengokuphazima kweso" (50) [Al-Qamar:49-50].

Futhi kwi-Sunnah yesiThunywa sika-Allah (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye), uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) uthi, ephendula uGabriyeli ngesikhathi embuza ngokholo: «Ukukholwa wukukholelwa ku-Allah, naseziNgelosini zaKhe, nasezincwadini zaKhe, naseziThunyweni zaKhe, nasoSukwini Lokugcina, nokukholelwa kwiQadar: okuhle nokubi kwako»[3]. [3] Ikhishwe nguMuslim, encwadini i-Iman, ngenombolo (8), kanye noAbu Dawud: encwadini i-Sunnah, esahlukweni seQadar, ngenombolo (4695).

Ukukholwa ku-Allah oPhezukonke

Ukukholwa ku-Allah kuqukethe izindaba ezine:

Indaba yokuqala: Ukukholwa ngokuba khona kuka-Allah oPhezukonke:

Futhi ubukhona bakhe oPhezukonke bufakazelwa yilokhu: imvelo yokuzalwa, ingqondo, isambulo, nezinzwa.

Mayelana nobufakazi bemvelo yokuzalwa ngobukhona baKhe oDunyiswayo: sonke isidalwa sidalwe nemvelo yokukholwa kuMdali waso, ngaphandle kokucabanga kuqala, noma ukufundiswa, futhi akekho ophambukayo kulokho okuyisisekelo sale mvelo yokuzalwa ngaphandle kwalowo okufike enhliziyweni yakhe lokho okumphambukisayo kuyo; Ngenxa yezwi likaMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye): «Akekho umntwana ozelweyo ngaphandle kokuba azalwe phezu kwemvelo yomuntu, bese abazali bakhe bemenza umJuda, noma bemenza umKristu, noma bemenza umMajusi»[4]. [4] Ibikwe ngu-Bukhari: eNcwadini Yemingcwabo, isihloko esithi Uma ingane yesilisa ingena kwi-Islam bese iyafa, ingabe iyathandazelwa, nokuthi ingabe i-Islam begwithulwa enganeni, ngenombolo (1292), noMuslim: encwadini yeQadar, Isahluko esiphathelene nencazelo yokuthi 'wonke umntwana ozelwe, uzelwa ese-Fitrah', kanye nesinqumo ngokufa kwezingane zabangakholwa nezingane zamaMuslim, ngenombolo (2658).

2- Ubufakazi bengqondo ngobukhona buka-Allah oPhakeme busekutheni lezi zidalwa, ezedlule nezizayo, kumele zibe noMdali owazidalayo; ngoba akunakwenzeka ukuthi zizidale zona, futhi akunakwenzeka ukuthi zivele ngengozi.

Akunakwenzeka ukuba izidale yona; ngoba into ayizidali yona, ngoba ngaphambi kokuba ibe khona isuke ingekho. Pho-ke ingaba kanjani ingumdali?

Futhi akunakwenzeka ukuba ibe khona ngokuzenzakalela; ngoba konke okuvelayo kumele kube nomvelisi wako, Futhi ngenxa yokuthi ubukhona bazo busekelwe kulolu hlelo oluyisimangaliso, nokuhleleka okuvumelanayo, nokuxhumana okubambene phakathi kwezimbangela nemiphumela yazo, naphakathi kwezidalwa ngokwazo, lokhu kuvimbela ngokuphelele ukuthi ubukhona bazo kwavele kwazenzekela; ngoba into eyavele yazenzekela ayibi nahlelo ekuqaleni kobukhona bayo, pho-ke ingahleleka kanjani isaqhubeka futhi ithuthuka?

Futhi njengoba kungenakwenzeka ukuthi lezi zidalwa zizidale zona, noma ukuthi zivele ngengozi, kuba sobala-ke ukuthi kumele zibe noMdali wazo, ongu-Allah, iNkosi yemihlaba yonke.

Futhi u-Allah oPhezukonke ubalulile lobu bufakazi bengqondo kanye nesiqinisekiso esingenakuphikiswa kwiSurah i-At-Tur; lapho athi khona: "Ingabe badalwa bengenamdali, noma yibona abadali?" (35) [At-Tur:35]. Okusho ukuthi: abadaliwanga bengenamdali, futhi akusibo abazidala bona; ngakho-ke kuba sobala ukuthi uMdali wabo ngu-Allah oBusisiwe noPhakeme. Yingakho ngenkathi uJubayr ibn Mut'im (u-Allah ajabule ngaye) ezwa isiThunywa sika-Allah (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube phezu kwakhe) efunda iSurah At-Tur, wabe esefinyelela kulamavesi: ﴿Ingabe badalwa bengenamdali, noma yibona abadali?35﴾ Noma badala amazulu nomhlaba na? Qhabo abaqinisekanga 36 Ingabe banazo izindlu zengcebo zeNkosi yakho, noma yibona abalawuli?" (37) [At-Tur:35-37].

Futhi uJubayr wayengumkhonzi wezithixo ngaleso sikhathi, wathi: "Inhliziyo yami yacishe yandiza, futhi leso kwaba isikhathi sokuqala ukholo lugxila enhliziyweni yami"[5]. [5] Ilandiswe ngu-Al-Bukhari: iSurah At-Tur, ngenombolo (4854).

Futhi ake sishaye isibonelo esicacisa lokho: Ukube umuntu ubekutshela ngesigodlo esakhiwe ngobunono, esizungezwe yizivande, kugeleza imifula phakathi kwazo, sigcwaliswe ngocansi nemibhede, futhi sihlotshiswe ngayo yonke imihlobiso eyisisekelo neyiphelelisayo, Futhi uma ethi kuwe: ukuthi lesi sigodlo nakho konke ukuphelela kwaso sazidalela sona, noma saba khona kanje ngokuzenzakalela ngaphandle komakhi; ubuyoshesha ukuphika lokho nokukubiza ngamanga, futhi ubuyobheka inkulumo yakhe njengenkulumo yobuwula, Ngakho-ke, ingabe kunengqondo ukuthi le ndawo yonke ebanzi kangaka: ngomhlaba wayo, nangezulu layo, nemizulane yayo, nangezimo zayo, kanye nohlelo lwayo oluyisimanga nolubabazekayo, izidale yona, noma yaba khona ngokuzenzakalela ngaphandle koMdali?

3- Ngokuphathelene nobufakazi bomthetho ngokuba khona kuka-Allah oPhezukonke: Kungenxa yokuthi izincwadi zasezulwini zonke ziyakusho lokho, futhi nemithetho enobulungiswa eziza nayo, equkethe okulungele izidalwa, iwubufakazi bokuthi ivela eNkosini eNhlakaniphile, eYaziyo okulungele izidalwa zaYo, Futhi izindaba eziphathelene nendalo eza nazo, ezifakazelwe ngokoqobo ubuqotho bazo, ziwubufakazi bokuthi zivela eNkosini enamandla okwenza kube khona lokho eyazisa ngakho.

4- Futhi ngokuqondene nobufakazi bobuzwi ngobukhona buka-Allah, buvela ezicini ezimbili:

Okokuqala: ukuthi siyezwa futhi siyabona ekuphendulweni kwabacelayo, nasekusizweni kwabahluphekile, ubufakazi obungenakuphikwa bobukhona bakhe oPhezukonke, wathi u-Allah oDunyiswayo: "Futhi uNowa ngenkathi ememeza ngaphambilini, ngakho-ke samphendula..." [Al-Anbiya:76] Wathi oPhezukonke: "Ngesikhathi nicela usizo eNkosini yenu, waniphendula..." [Al-Anfal:9].

Futhi eSahih al-Bukhari, ngokuka-Anas bin Malik (u-Allah makajabule ngaye), wathi: «Impela, kwangena umuntu wasogwadule ngosuku lweJumu’ah -kanti uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) wayenikela iKhutbah- wayesethi: “O siThunywa sika-Allah, impahla ibhubhile, nomndeni usulambile, ngakho-ke sinxusele ku-Allah;” Wasephakamisa izandla zaKhe wanxusa, kwase kusukuma amafu anjengezintaba, akehlanga kwi-minbar yakhe ngaze ngabona imvula iconsa entshebheni yakhe»[6]. [6] Ibikwe ngu-Al-Bukhari: incwadi yeJumu'ah, isahluko se-Istisqa' eNtshumayelweni yangoLwesihlanu, ngenombolo (891).

NgeJumu'ah yesibili, kwasukuma lowo muntu wasogwadule, noma omunye, wase ethi: "O siThunywa sika-Allah, izakhiwo zibhidlikile, futhi impahla icwilile, ngakho-ke sicelele ku-Allah;" Wasephakamisa izandla zaKhe, wathi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube phezu kwakhe): «O -Allah, makube nxazonke zethu, kungabi phezu kwethu» Ngakho wayengakhombi ndawo ingaxazululeki[7]. [7] Kulandiswe ngu-al-Bukhari: Encwadini yeJumu'ah, Isahluko sokucela imvula enkulumweni yangoLwesihlanu, ngenombolo (891), kanye noMuslim: Encwadini yomkhuleko wokucela imvula, Isahluko sokunxusa ekuceleni imvula, ngenombolo (897).

Futhi ukuphendulwa kwabanxusayo kusalokhu kuyinto efakazelwayo kuze kube namuhla, kulowo oqotho ekuphendukeleni ku-Allah, futhi afeze imibandela yokuphendulwa.

Uhlangothi lwesibili: ukuthi izibonakaliso zezithunywa ezibizwa ngokuthi izimangaliso, lezo abantu abazibonayo noma bezwa ngazo, ziwubufakazi obungenakuphikiswa ngobukhona boMthumi wazo, okungu-Allah oPhezukonke; ngoba yizindaba ezingaphezu kwamandla abantu, azenziwa ngu-Allah oPhezukonke njengokusekela izithunywa zaKhe nokuzinqobisa.

Isibonelo salokho: isimangaliso sikaMose (ukuthula makube kuye) ngesikhathi u-Allah oPhezukonke emyala ukuba ashaye ulwandle ngenduku yakhe, walushaya, lwase luhlukana lwaba yizindlela eziyishumi nambili ezomileyo, amanzi ephakathi kwazo enjengezintaba. Wathi u-Allah oPhezukonke: "Ngakho-ke sembula kuMose: “Shaya ulwandle ngenduku yakho.” Lwase luhlephuka, futhi ingxenye ngayinye yaba njengentaba enkulu." (63) [Ash-Shu'ara:63].

Futhi esinye isibonelo yisibonakaliso sikaJesu (ukuthula makube kuye), lapho ayevusa abafileyo, ebakhipha emangcwabeni abo ngemvume ka-Allah. U-Allah oPhezukonke wathi ngaye: "...futhi ngivusa abafileyo ngemvume ka-Allah..." [Al-Imran:49] Wathi: "...nangenkathi ukhipha abafileyo ngemvume Yami..." [Al-Ma'idah:110].

Futhi isibonelo sesithathu ngesikaMuhammad, ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye, lapho amaQuraysh emcela uphawu, wakhomba enyangeni, yase idazuluka yaba izingxenye ezimbili, abantu base beyibona, futhi kulokho yizwi lakhe oPhezukonke: "Selisondelile ihora futhi inyanga yahlukana phakathi, Futhi uma bebona uphawu, bayafulathela futhi bathi umlingo oqhubekayo." (2) [Al-Qamar: 1-2].

Ngakho-ke lezi zibonakaliso ezibonakalayo, ezenziwa ngu-Allah Ophakeme ukuze asekele izithunywa zaKhe futhi azinqobise, zifakazela ngokungenakuphikiswa ukuba khona kwakhe, Ophakeme.

Okwesibili okuqukethwe wukukholwa ku-Allah: wukukholwa ukuthi Yena yedwa oyiNkosi, akanaye umhlanganyeli noma umsizi.

Futhi iNkosi: ingulowo okungokwaKhe ukudala, nombuso, nokuphatha; ngakho-ke akukho umdali ngaphandle kuka-Allah, futhi akukho umbusi ngaphandle kwaKhe, futhi akukho kuphatha ngaphandle kokwaKhe, wathi oPhakeme: "Ngokungangabazeki, kungokwakhe ukudala nomyalo." [Al-A'raf:54] Wathi: "Yilowo-ke u-Allah iNkosi yenu, kungokwakhe umbuso. Kanti labo enibakhonzayo ngaphandle kwakhe abanaphathi ngisho inhlayiya." [Fatir:13].

Futhi akukaze kwaziwe muntu ezidalweni owaphika ubukhosi buka-Allah, oDunyisiweyo, ngaphandle kokuba enenkani engakholelwa kulokho akushoyo, njengoba kwenzeka kuFaro, ngesikhathi ethi kubantu bakhe: "Wathi: Nginguye iNkosi yenu oPhakeme kakhulu." (24) [An-Nazi'at:24], Wathi oPhezukonke: "...O nina zikhulu! angimazi kini omunye unkulunkulu ngaphandle kwami..." [Al-Qasas:38], kodwa lokho akusuki enkolelweni. U-Allah oPhezukonke wathi: "Futhi baziphika ngokungemthetho nangokuziphakamisa, kanti imiphefumulo yabo yayiqinisekile ngazo..." [An-Naml:14]. Futhi wathi uMose kuFaro, kulokho u-Allah akulandayo ngaye: "...Ngokuqinisekile wazi ukuthi akekho owehlise lezi ngaphandle kweNkosi yamazulu nomhlaba njengobufakazi obucacile, futhi ngempela ngiyakucabanga, O Faro, njengozobhujiswa" [Al-Isra:102], Ngenxa yalokhu abakhonzi bezithixo babevuma ubunkosi buka-Allah oPhezukonke, behlanganisa nabanye Naye ekukhonzeni. U-Allah oPhezukonke wathi: "Yithi, “Kungokukabani umhlaba nakho konke okukuwo, uma niyazi na?” (84) Bayothi, “Kungokuka-Allah.” Yithi, “Pho anikhumbuli yini na?” (85) Yithi, “Ngubani iNkosi yamazulu ayisikhombisa neNkosi yeSihlalo Sobukhosi esikhulu?” (86) Bayothi, “Kungokuka-Allah.” Yithi, “Pho anesabi yini na?” (87) Yithi, “Ngubani osesandleni sakhe kunombuso wazo zonke izinto, futhi nguYena ovikelayo kodwa akavikelwa muntu, uma niyazi na?” (88) Bayothi, “Kungokuka-Allah.” Yithi, “Pho nithakathwa kanjani na?” (89) [Abakholwayo: 84-89].

Wathi u-Allah oPhezukonke: "Futhi uma ubabuza ukuthi ngubani owadala amazulu nomhlaba, ngempela bayothi zadalwa nguSomandla, uMazi-konke." (9) [Az-Zukhruf:9].

Futhi wathi oPhakeme: "Futhi uma ubabuza ukuthi ngubani owabadalayo, ngempela bayosho ukuthi u-Allah; pho baphambukiswa kanjani na?" (87) [Az-Zukhruf:87].

Futhi umyalo ka-Allah oPhezukonke uhlanganisa umyalo wendalo nomyalo womthetho wenkolo, ngakho-ke njengoba Yena enguMhleli weNdalweni yonke onquma kuyo lokho akuthandayo, ngokuvumelana nalokho okudingwa ukuhlakanipha kwakhe, ngokunjalo Yena unguMbusi kuyo ngomthetho wezinkonzo, kanye nemithetho yokusebenzelana kwabantu, ngokuvumelana nalokho okudingwa ukuhlakanipha kwakhe. Ngakho-ke, noma ngubani othatha ummiseli ekukhonzeni, noma umahluleli ekusebenzelaneni, kanye no-Allah oPhezukonke; lowo usemenzele Yena abahlanganyeli, futhi akalufezile ukukholwa.

Udaba lwesithathu lwalokho okuqukethwe ukukholwa ku-Allah: wukukholwa ebuNkulunkulwini baKhe; okungukuthi Yena Yedwa unguNkulunkulu weqiniso, akanaye umhlanganyeli. Futhi (u-Ilah) kusho (uMa'luh), okungukuthi: (oKhonzwayo) ngothando nangenhlonipho.

U-Allah oPhezukonke wathi: "Futhi unkulunkulu wenu ungunnkulunkulu oyedwa, akekho unkulunkulu ngaphandle kwakhe, onomusa, onesihawu." [Al-Baqarah:163] Wathi oPhezukonke: "U-Allah uyafakaza, kanye nezingelosi nabanolwazi, ukuthi akekho unkulunkulu (ofanele ukukhonzwa) ngeqiniso ngaphandle kwakhe, omi ngobulungiswa; akekho unkulunkulu (ofanele ukukhonzwa) ngaphandle kwakhe, Ophakeme Ngamandla, uHlakaniphile." (18) [Al-Imran:18], Futhi noma ngubani ozithathela unkulunkulu kanye no-Allah, amkhonze ngaphandle kwakhe, ubunkulunkulu bakhe buyize. U-Allah oPhezukonke wathi: "Lokho kungenxa yokuthi u-Allah Nguye oyiqiniso, nokuthi lokho abakukhonzayo ngaphandle kwakhe kuyize, nokuthi u-Allah Yena ungoPhezukonke, oMkhulu." (62) [Al-Hajj:62]. Futhi ukuqanjwa kwazo ngokuthi onkulunkulu akuziniki ilungelo lokukhonzwa. Wathi u-Allah oPhezukonke mayelana noLat, noUzza, kanye noManat (izithixo): "Lokhu akuyilutho ngaphandle kwamagama eniwaqambile nina kanye nokhokho benu, u-Allah akazange ehlise gunya ngawo..." [An-Najm:23].

Futhi wathi ngoHudi, ukuthula makube kuye, ukuthi wathi kubantu bakhe: "...Niphikisana nami ngamagama eniwaqambile nina kanye nawokhokho benu, u-Allah angazange ehlisele gunya ngawo..." [Al-A'raf:71].

Futhi wathi ngoJoseph (ukuthula makube kuye) ukuthi wathi kozakwabo ababili basejele: "O nina bangane bami basejele! Ngabe amakhosi ahlukahlukene angcono noma u-Allah, Oyedwa, uMahluli? Lokho enikukhonzayo ngaphandle kwakhe akuyilutho ngaphandle kwamagama eniwaqambile nina kanye nobaba benu, lawo u-Allah angazange ehlisele phansi gunya ngawo..." [Yusuf:39-40].

Ngenxa yalokhu izithunywa (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kubo) zazithi kubantu bakubo: "...Khonzani u-Allah, aninaye unkulunkulu ngaphandle kwakhe..." [Al-A'raf:59]. Kodwa abahlanganisi bakwenqaba lokho, bazithathela onkulunkulu ngaphandle kuka-Allah, bebakhonza kanye no-Allah oPhezukonke, befuna usizo nokuhlengwa kubo.

Futhi u-Allah oPhezukonke ukuchithile ukuba abahlanganyeli bazithathele laba onkulunkulu, ngobufakazi obubili obusekelwe engqondweni:

Okokuqala: ukuthi kulezi zithixo abazithathileyo akukho lutho lwezimpawu zobunkulunkulu, ngoba ziyizidalwa, azidali, futhi azilethi nzuzo kubakhonzi bazo, futhi azisusi monakalo kubo, futhi azibaphathele ukuphila nokufa, futhi azinayo ingxenye emazulwini, futhi azihlanganyeli kukho.

U-Allah oPhezukonke wathi: "Futhi bathatha ngaphandle kwakhe (u-Allah)onkulunkulu abangadali lutho kanti bona bayadalwa, futhi abanawo amandla okuzilethela umonakalo noma inzuzo, futhi abanawo amandla phezu kokufa, noma ukuphila, noma ukuvuswa." (3) [Al-Furqan:3].

Wathi oPhezukonke: "Yithi: Bizanani labo enibacabangayo ngaphandle kuka-Allah. Abanalo ngisho isisindo sohlamvu emazulwini noma emhlabeni, futhi abanaso isabelo kuzo zombili, futhi Yena akanaye umsizi phakathi kwabo. Futhi ukuncengela akusizi phambi kwakhe ngaphandle kwalowo amnike imvume...” [Saba:22-23] "Ingabe bamenzela abahlanganyeli abangadali lutho, kanti bona bayadalwa na? (191) Futhi abakwazi ukubasiza, futhi abakwazi nokuzisiza bona." (192) [Al-A'raf:191-192].

Futhi uma sinjalo isimo salabo nkulunkulu, khona-ke ukubathatha njengonkulunkulu kuwubuwula obuqisileyo, nobuze obuqisileyo.

Okwesibili: ukuthi laba ababenzela u-Allah abahlanganyeli babevuma ukuthi u-Allah oPhezukonke Yena yedwa uyiNkosi enguMdali, okusesandleni saKhe umbuso wazo zonke izinto, futhi NguYena ovikelayo, kodwa akekho ongavikelwa kuye, okuyinto edinga ukuthi bamenze munye ekukhonzeni, njengoba babemenza munye ebuNkosini, Njengoba wathi oPhezukonke: "O nina bantu! Khonzani iNkosi yenu eyanidalayo nina kanye nalabo ababengaphambi kwenu, ukuze nesabe. (21) Lowo onenzele umhlaba waba wukhukho, nezulu laba wuphahla, futhi wehlisa amanzi evela ezulwini wabe esekhipha ngawo izithelo zaba yisabelo senu, ngakho-ke ningamenzeli u-Allah izimbangi kanti nina niyazi." (22) [Al-Baqarah:21-22].

Wathi oPhezukonke: "Futhi uma ubabuza ukuthi ngubani owabadala, ngempela bazothi u-Allah; pho baphambukiswa kanjani?" 87 [Az-Zukhruf:87].

Wathi oPhezukonke: "Yisho: “Ngubani onabela evela ezulwini nasemhlabeni, noma ngubani ongumnikazi wokuzwa nokubona, futhi ngubani okhipha okuphilayo kokufileyo, futhi akhiphe okufileyo kokuphilayo, futhi ngubani olawula udaba ?” Bazothi, “Ngu-Allah”. Ngakho-ke yisho: “Pho anesabi yini na?” (31) Lowo-ke ngu-Allah, iNkosi yenu oQinisile. Pho yini ngale kweQiniso ngaphandle kokudukiswa? Pho niphendulelwani kude na?" (32) [Yunus:31-32].

Okwesine okuqukethwe ukukholwa ku-Allah: Ukukholwa emagameni akhe nasezimfanelweni zaKhe.

Okusho ukuthi: ukufakazela amagama nezimfanelo u-Allah azifakazele zona Yena encwadini yakhe, noma eSunnah yesiThunywa sakhe, ukuthula nezibusiso zika-Allah makube phezu kwakhe, ngendlela efanele Yena, ngaphandle kokuguqula, noma ukuphika, noma ukuchaza ukuthi zinjani, noma ukufanisa. Wathi u-Allah oPhezukonke: "Futhi ngaka-Allah amagama amahle kakhulu, ngakho-ke mbizeni ngawo; futhi badedeni labo abaphambukayo emagameni akhe. Bayovuzwa ngalokho ababekwenza." (180) [Al-A'raf:180] Wathi oPhezukonke: "...futhi kungokwakhe imfanelo ephakeme kunazo zonke emazulwini nasemhlabeni. Futhi Yena ungoPhakeme Ngamandla, uMhlakaniphi." [Ar-Rum:27] Wathi oPhezukonke: "Akukho lutho olufana naye; futhi Yena unguMuzwi, uMboni." [Ash-Shura:11].

Futhi amaqembu amabili adukile kulolu daba:

Elinye lazo: (Abaphikayo) labo abaphika amagama nezimfanelo, noma ezinye zazo, benenkolelo yokuthi ukuqinisekiswa kwazo ku-Allah kuholela ekumfaniseni, okungukuthi: ukufanisa u-Allah oPhezukonke nendalo yakhe. Futhi lokhu kusola kuyize; ngenxa yezizathu eziningi, phakathi kwazo:

Okokuqala: ukuthi kuholela eziphethweni ezingamanga; njengokuphikisana ezwini lika-Allah, oPhekeme, futhi lokho kungenxa yokuthi uAllah oPhezukonke waziqinisekisa Yena amagama nezimfanelo, futhi waphika ukuthi kukhona noma yini efana naye. Futhi ukube ukuqinisekiswa kwazo bekuholela ekufaniseni, ngabe kuholele ekuphikisaneni ezwini lika-Allah, nokuthi enye ingxenye yalo iphike enye.

Okwesibili: ukuthi ukuhlanganyela kwezinto ezimbili igama noma uphawu akusho ukuthi ziyalingana, phela uyabona abantu ababili behlanganyela ekutheni ngamunye wabo ungumuntu ozwayo, obonayo, nokhulumayo, Futhi lokho akudingi ukuba zifane ezincazelweni zobuntu, nasekwuzweni, nasekuboneni, nasekukhulumeni.

Futhi uyabona izilwane zinezandla, nemilenze, namehlo, kodwa lokhu kufana kwazo akusho ukuthi izandla zazo, nemilenze yazo, namehlo azo kuyalingana.

Ngakho-ke uma kuvela umehluko phakathi kwezidalwa emagameni noma ezimfanelweni ezihlanganyela kuzo, khona-ke umehluko phakathi koMdali nesidalwa ucace kakhulu futhi mkhulu kakhulu.

Iqembu lesibili: (Abamfanisayo) yilabo abaqinisekisa amagama nezimfanelo ngokumfanisa u-Allah oPhezukonke nezidalwa zaKhe, bethi lokhu yikho okuqondwe yimibhalo ngoba u-Allah oPhezukonke ukhulumisa izinceku ngalokho ezikuqondayo. Futhi lombango awulona iqiniso; ngenxa yezizathu eziningana, okubalwa kuzo:

Okokuqala: ukuthi ukufana kuka-Allah oPhezukonke nendalo yakhe kuyindaba echithwa yingqondo nomthetho wezenkolo, futhi akunakwenzeka ukuthi okushiwo yimibhalo yeNcwadi neSunnah kube yindaba eyize.

Okwesibili: ukuthi u-Allah oPhezukonke wakhuluma nezinceku ngalokho ezikuqondayo ngokusuka esisekelweni sencazelo, kodwa iqiniso kanye nesiqu sangempela saleyo ncazelo kungezinto u-Allah oPhezukonke azigodlele ulwazi lwazo kulokho okuphathelene neSiqu sakhe nezimfanelo zaKhe.

Ngakho-ke, uma u-Allah eziqinisekisela ukuthi Yena unguMuzwi; incazelo eyisisekelo yokuzwa iyaziwa (okuwukuqonda imisindo), kodwa ubunjalo balokho mayelana nokuzwa kuka-Allah oPhakeme akwaziwa; ngoba ubunjalo bokuzwa buyehluka ngisho nasezidalweni; ngakho-ke umehluko kukho phakathi koMdali nesidalwa ucace kakhulu futhi mkhulu ngokwedlulele.

Futhi uma u-Allah oPhezukonke esazisa ngaye uqobo ukuthi waphakama phezu kwesihlalo sakhe sobukhosi; ukuphakama ngokwencazelo yako eyisisekelo kuyaziwa, kodwa ubunjalo bangempela balokho kuphakama akulo abaziwa yithina maqondana nokuphakama kuka-Allah phezu kwesihlalo sakhe sobukhosi; ngoba ubunjalo bokuphakama buhlukile esidalweni. Ngakho-ke, ukuzinza phezu kwesihlalo esizinzile akufani nokuzinza phezu kwesihlalo sekameli elinenkani nelibalekayo; uma-ke lokhu kwehlukene maqondana nesidalwa, umehluko phakathi koMdali nesidalwa ucace kakhulu futhi mkhulu kakhulu.

Ukukholwa ku-Allah oPhezukonke ngale ndlela esesiyichazile kuthelela abakholwayo izithelo eziphakeme, okubalwa kuzo:

Okokuqala: Ukufeza ubunye buka-Allah oPhezukonke, ngendlela yokuthi kungabekwa themba noma ukwesaba komunye ngaphandle kwakhe, futhi kungakhonzwa omunye ngaphandle kwakhe.

Okwesibili: Ukuphelela kothando luka-Allah oPhezukonke nokudunyiswa kwakhe, ngokwesidingo samagama akhe amahle kakhulu nezimfanelo zaKhe eziphakeme.

Okwesithathu: Ukufeza ukukhonzwa kwakhe ngokwenza lokho akuyalile, nokugwema lokho akwenqabele.

*

Ukukholwa ezingelosini

Izingelosi ziwumhlaba ongabonwayo, ziyizidalwa ezingabakhonzi baka-Allah Ophakeme, futhi azinayo neyodwa imfanelo yobuNkosi nobuNkulunkulu. U-Allah Ophakeme wazidala ngokukhanya, futhi wabanika ukuzithoba okuphelele emiyalweni yakhe, namandla okuwufeza. U-Allah Ophakeme wathi: "...futhi labo abakuye abazidli ekumkhonzeni kwakhe futhi abakhathali, bamdumisa ubusuku nemini bengaphezi." [Al-Anbiya:19-20].

Futhi inani lazo likhulu kakhulu, akekho ongazibala ngaphandle kuka-Allah Ophakeme. Futhi kuqinisekisiwe eSahiheyn kuHadith ka-Anas (u-Allah makathokoze ngaye) endabeni yeMi’raj ukuthi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) waphakanyiselwa iBayt al-Ma'mur esezulwini, lapho kuthandaza khona nsuku zonke izingelosi eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa, uma seziphumile aziphinde zibuyele kuyo, kube okokugcina kwazo.

Futhi ukukholwa ezingelosini kuhlanganisa izinto ezine:

Okokuqala: Ukukholwa ekubeni khona kwabo.

Okwesibili: Ukukholwa ngamagama kulabo esibazi kubo (njengoGabriel), kanti labo esingawazi amagama abo sikholelwa kubo ngokuphelele.

Okwesithathu: Ukukholwa kulokho esikwaziyo ngezimfanelo zazo, njengemfanelo kaGabriel, ngoba impela uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) wabika ukuthi wambona esesimweni sakhe adalwa ekuso, futhi unamaphiko ayimakhulu ayisithupha ayesesivale umkhathizwe.

Ingelosi, ngomyalo weNkosi ePhakeme, ingathatha isimo sendoda. Njengoba kwenzeka (kuGabriel) ngesikhathi u-Allah Ophakeme emthuma kuMariya, wase ezifanekisa kuye engumuntu ophelele; nangesikhathi eza kuMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) ehleli nabangane bakhe, weza kuye ngesimo sendoda enezingubo ezimhlophe qwa, enezinwele ezimnyama kakhulu, okwakungabonakali kuyo uphawu lohambo, futhi kungekho noyedwa kubangane bakhe owayemazi. Wase ehlala phambi koMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) wancikisa amadolo akhe emadolweni akhe, wabe esebeka izandla zaKhe emathangeni akhe, wabuza uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) mayelana nokuzinikela, nokukholwa, nokwenza okuhle, nangeHora, kanye nezibonakaliso zalo; UMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) wamphendula, wase ehamba. Khona-ke wathi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye): «Lona nguGabriyeli; uze kunina ezonifundisa inkolo yenu»[8]. [8] Ibikwe nguMuslim: encwadini Yokholo, esahlukweni esichaza Ukholo, Ukuzinikela, kanye Nobuhle, kanye nesibopho sokukholwa ekuqinisekiseni isiphetho sika-Allah Odunyiswayo Nophakanyisiweyo, ngenombolo (8).

Ngokunjalo nezingelosi u-Allah Ophakeme azithumela kuAbrahama, nakuLoti, zazisesimweni samadoda.

Okwesine kulokho okuhlanganiswe ukukholwa ezingelosini: Wukukholelwa kulokho esikwaziyo ngemisebenzi yazo abayenzayo ngomyalo ka-Allah Ophakeme; njengokumdumisa, nokumkhonza ubusuku nemini ngaphandle kokudinwa noma ukuphelelwa amandla.

Futhi kwabanye babo kungaba khona izenzo ezikhethekile.

Njengo: uGabriyeli othembekileyo ngesambulo sika-Allah Ophakeme, amthumayo u-Allah naso kubaphrofethi nakwizithunywa.

Njengo: uMichael: ophathiswe amaconsi, okungukuthi, imvula nezitshalo.

Njengo: uIsrafīl, ophathiswe ukushaya iCilongo ngesikhathi sokufika kweHora nokuvuswa kwezidalwa.

Njengo: iNgelosi Yokufa: ephathiswe ukuphuca imiphefumulo ngesikhathi sokufa.

Njengo: uMalik: ophathiswe iSihogo, futhi ungumgcini weSihogo.

Njengo: izingelosi eziphathiswe imibungu ezibelethweni, lapho umuntu eseqedile izinyanga ezine esiswini sikanina, u-Allah uthumela kuye ingelosi bese eyiyalela ukuba ibhale isabelo sakhe, nosuku lwakhe lokufa, nezenzo zaKhe, nokuthi uyokuba ngolusizi noma ojabuleyo.

Njengo: yizingelosi eziphathiswe ukulondoloza nokubhala izenzo zabantwana baka-Adam; kumuntu ngamunye kunezingelosi ezimbili, enye ingakwesokudla kanti eyesibili ingakwesobunxele.

Njengo: yizingelosi eziphathiswe ukubuza ofileyo uma esebekwe engcwabeni lakhe; ufikelwa yizingelosi ezimbili ezimbuza ngeNkosi yakhe, nangenkolo yakhe, nangomPhrofethi wakhe.

Futhi ukukholwa ezingelosini kunezinzuzo ezinkulu, okubalwa kuzo:

Okokuqala: Ulwazi ngobukhulu buka-Allah oPhezukonke, namandla akhe, nobukhosi bakhe; ngoba ubukhulu besidalwa bukhombisa ubukhulu boMdali.

Okwesibili: Ukumbonga u-Allah Ophakeme ngokunakekela kwakhe abantwana baka-Adam; njengoba waphathisa ezinye zalezi zingelosi umsebenzi wokubavikela, nokubhala izenzo zabo, kanye nezinye izidingo zabo.

Okwesithathu: Ukuthanda iziNgelosi ngenxa yomsebenzi wazo wokukhonza u-Allah Ophakeme.

Futhi abanye abantu abaphambukileyo baphikile ukuthi izingelosi ziyimizimba, futhi bathi zimane zingamandla okuhle afihlekile ezidalweni. Lokhu kungukuphika incwadi ka-Allah Ophakeme, neSunnah yesiThunywa sakhe, ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye, kanye nesivumelwano kwamaMuslim.

U-Allah oPhezukonke wathi: "Konke ukudunyiswa kungokuka-Allah, uMdali wamazulu nomhlaba, owenza izingelosi zibe yizithunywa ezinamaphiko amabili, amathathu, namane..." [Fatir:1].

Wathi oPhezukonke: "Futhi ukube ubungabona lapho izingelosi zithatha imiphefumulo yalabo abangakholwa, zishaya ubuso babo nemihlane yabo..." [Al-Anfāl:50].

Wathi oPhezukonke: "...futhi ukube ubungabona ngenkathi abenzi bokubi besemidonsweni yokufa, nezingelosi zelula izandla zazo zithi, “Khiphani imiphefumulo yenu!..." [Al An'aam: 93]

Wathi oPhezukonke: "...kwaze kwaba yilapho ususiwe uvalo ezinhliziyweni zabo, bathi, “Ithini iNkosi yenu na?” Bayothi, “Iqiniso. Futhi Yena ungoPhezukonke, uMkhulu.” [Saba:23].

Futhi wathi ngabantu baseZulwini: "...futhi izingelosi ziyangena kubo ngazo zonke izango; Ukuthula makube phezu kwenu ngenxa yokubekezela kwenu. Yeka ubuhle bekhaya lokugcina." [Ar-Ra'd:23-24].

Futhi eSahih al-Bukhari, kulandiswe ngu-Abu Hurayrah (u-Allah makajabule ngaye) ukuthi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) wathi: «Uma u-Allah ethanda inceku, ubiza uGabriyeli: Ngempela u-Allah uthanda uthibani, ngakho-ke mthande, abe esemthanda uGabriyeli. Bese uGabriyeli ememeza kwabasezulwini: Ngempela u-Allah uthanda uthibani, ngakho-ke mthandeni, bese bemthanda abasezulwini. Andukuba abekelwe ukwamukelwa emhlabeni»[9]. [9] Ibikwe nguBukhari: Incwadi yokuQalwa kweNdalo, iSahluko esikhuluma ngeziNgelosi, ngenombolo (3037), kanye noMuslim: Incwadi yobuLungiswa, uBudlelwane kanye neSimilo, iSahluko esithi, Uma u-Allah ethanda inceku, uyenza ithandeke ezincekwini zaKhe, ngenombolo (2637).

Futhi kuyona futhi, kusuka ku-Abu Hurayrah (u-Allah angajabula ngaye), wathi: UMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) wathi: «Uma kufika usuku lweJumu’ah, emnyango ngamunye weminyango ye-mosque kuba khona izingelosi zibhala owokuqala, bese kuba ngolandela, bese kuthi uma u-Imam esehlezi phansi, ziyagoqa imiqulu bese ziza zizolalela isikhumbuzo»[10]. [10] Ilandiswe ngu-al-Bukhari: incwadi yeJum'ah, isahluko sokulalela iKhutbah, ngenombolo (887), kanye noMuslim: incwadi yeJum'ah, isahluko sobuhle bokuphuthuma ngosuku lweJum'ah, ngenombolo (850).

Futhi le mibhalo icacile ukuthi izingelosi ziyimizimba hhayi amandla angokomoya, njengoba kusho abaphambukileyo. Futhi ngokusekelwe kule mibhalo, amaMuslim avumelana ngazwi linye.

*

Ukukholwa ezincwadini

Izincwadi: ubuningi be-(ncwadi), esho (okubhaliwe).

Futhi okuhloswe ngazo lana: yizincwadi u-Allah oPhezukonke azehlisela kuziThunywa zaKhe, zibe ngumusa nesiqondiso ezidalweni; ukuze ngazo zifinyelele enjabulweni yazo emhlabeni naselizayo.

Futhi ukukholwa ezincwadini kuhlanganisa izinto ezine:

Okokuqala: Ukukholwa ukuthi ukwembulwa kwayo kuvela ku-Allah ngeqiniso.

Okwesibili: Ukukholwa kulezo zincwadi esizazi ngamagama azo: njengeQur’an eyembulwa kuMuhammad, ukuthula kube kuye, neTorah eyembulwa kuMose, ukuthula kube kuye. neVangeli eyehliselwa kuJesu (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) neZabur eyanikwa uDavide, kepha lokho esingalazi igama laso sikholelwa kukho ngokuphelele.

Okwesithathu: Ukukholelwa kulokho okuyiqiniso ezindabeni zazo, njengezindaba zeQur’an, nezindaba zalokho okungazange kushintshwe noma kuguqulwe ezincwadini zangaphambili.

Okwesine: Ukwenza ngokwezahlulelo zalokho okungachithwanga kuzo, nokwamukela nokuzinikela kukho, noma ngabe siyakuqonda ukuhlakanipha kwako noma singakuqondi, futhi zonke izincwadi ezandulelayo zichithiwe yiQur’an eNkulu, U-Allah oPhezukonke wathi: "Futhi sehisele kuwe incwadi ngeqiniso, iqinisekisa lokho okwakuphambi kwayo kwencwadi futhi ingamele phezu kwayo..." [Al-Ma'idah:48]. Okusho ukuthi: Njengomahluleli phezu kwayo.

Ngokwalokhu: akuvunyelwe ukusebenza nganoma yisiphi isahlulelo sezincwadi ezedlule, ngaphandle kwalokho okuqinisile kuzo futhi okuqinisekiswe yiQur'an.

Ukukholwa ezincwadini kunezithelo ezinkulu, okubalwa kuzo:

Eyokuqala: Ukwazi ngokunakekela kuka-Allah oPhezukonke ezincekwini zaKhe; njengoba wembula incwadi esizweni ngasinye ukuze abahole ngayo.

Okwesibili: Ulwazi ngokuhlakanipha kuka-Allah ophezukonke emthethweni Wakhe; ngokuba wamisela isizwe ngasinye lokho okufanele izimo zaso, Njengoba wathi u-Allah Ophakeme: "...Kulowo nalowo kini simisile umthetho nendlela..." [Al-Ma'idah:48].

Eyesithathu: ukubonga umusa ka-Allah kulokho.

*

Ukukholwa kuziThunywa

Izithunywa: Liyigama elisebuningini elithi (isithunywa), elinencazelo ethi (othunyiweyo), okungukuthi, othunyelwe ukuba adlulisele okuthile.

Okushiwo lapha: ngumuntu ovela ebantwini owembulelwa umthetho, futhi wayalwa ukuba awudlulisele.

Owokuqala weziThunywa nguNowa, ukuthula kube kuye, kanti owokugcina kubo nguMuhammad, ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye.

U-Allah oPhezukonke wathi: "Ngempela thina sembulile kuwe njengoba sembulile kuNowa nakubaphrofethi emva kwakhe..." [An-Nisā’:163].

Futhi e-Sahih al-Bukhari, ngokubikwa ngu-Anas bin Malik (u-Allah angajabula ngaye) ku-hadith yokunxusela, ukuthi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye): «Kuyalandiswa ukuthi abantu bayoza ku-Adam; ukuze abancengelele, abese exolisa kubo, abesethi: ‘Hambani niye kuNowa, isithunywa sokuqala esathunywa ngu-Allah.’» Wabe esebalula ukuphela kweHadith[11]. [11] Ibikwe ngu-al-Bukhari: Encwadini yeTawhid, isahluko senkulumo ka-Allah Ophakameyo: ﴿ngalokho engikudalile ngezandla zami ezimbiliۖ﴾, inombolo (7410), kanye noMuslim: Encwadini Yokukholwa, isahluko somuntu wasezulwini onesikhundla esiphansi kunazo zonke kulo, inombolo (193).

Futhi wathi u-Allah Ophakeme ngoMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye): "UMuhammad akasiye uyise wanoma yimuphi emadodeni enu, kepha uyisiThunywa sika-Allah kanye nowokugcina wabaPhrofethi..." [Al-Ahzab].

Futhi akukaze kube khona isizwe esingenaso isithunywa u-Allah oPhezukonke asithumayo nomthetho ozimele kubantu baso, noma umprofethi okwembulwa kuye umthetho walowo owamandulelayo; ukuze awuvuselele. uthe u-Allah oPhezukonke: "Futhi ngempela u-Allah wathumela kuso sonke isizwe isithunywa, ukuba bakhonze u-Allah futhi bagweme konke okukhonzwayo ngaphandle Kwakhe..." [An-Nahl:36].

Wathi oPhezukonke: ...futhi akukho sizwe ngaphandle kokuba kwadlula kuso umxwayisi." [Fatir:24].

Wathi oPhezukonke: "Ngempela Thina sehlisela phansi iTorah, kuyo kunokuhola nokukhanya. Abaprofethi abazinikele babahlulela ngayo labo abangamaJuda..." [Al-Ma'idah:44].

IziThunywa zingabantu abadalilwe, azinazo nhlobo izimpawu zobuNkosi nobuNkulunkulu. Wathi u-Allah Ophakeme ngesiThunywa saKhe uMuhammad, yena oyinkosi yeziThunywa nomkhulu kunazo zonke ngesikhundla ku-Allah: "Yithi: Angiziphathele nzuzo namonakalo, ngaphandle kwalokho akuthandayo u-Allah. Futhi ukube bengikwazi okungabonwayo, ngabe ngizandisele kokuhle, futhi ngabe ububi abungithintanga. Angiyilutho mina ngaphandle kokuba ngumxwayisi nomlethi wezindaba ezinhle kubantu abakholwayo" (188) [Al-A'raf:188] .

Wathi oPhezukonke: "Yisho: “Impela mina anginamandla okunilethela ingozi noma isiqondiso.” (21) Yisho: “Impela akekho noyedwa ongangivikela ku-Allah, futhi angisoze ngathola ngaphandle kwakhe isiphephelo.” (22) [Al-Jinn:21-22].

Futhi babenezimpawu zobuntu: njengokugula, nokufa, isidingo sokudla nesiphuzo, nokunye okunjalo. Wathi u-Allah, oDunyisiweyo, mayelana no-Abrahama, ukuthula nezibusiso makube kuye, lapho echaza iNkosi yakhe, oDunyisiweyo: "Futhi Nguye ongondlayo nongiphuzisayo (79) Futhi uma ngigula, Nguye ongiphilisayo (80) Futhi Lowo ongifisayo abesengiphilisa " (81) [Al Shu'ara:79-81].

Futhi wathi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye): «Ngiwumuntu nje onjengani, ngiyakhohlwa njengoba nani nikhohlwa, ngakho-ke uma ngikhohliwe, ngikhumbuzeni»[12]. [12] Kulandiswe nguBukhari: Izahluko zeQiblah, isahluko sokuBhekisa ngaseQiblah noma ngabe ukuphi, ngenombolo (392), noMuslim: iNcwadi yamaSonto nezindawo zoMthandazo, isahluko sokuKhohlwa emThandazweni, nokuKhothama ngenxa yakho, ngenombolo (572).

Futhi ngempela u-Allah ubachazile ngobunceku kuYe ezikhundleni zabo eziphakeme kakhulu, nasemongweni wokubadumisa; Futhi wathi oPhezukonke ngoNowa, izibusiso zika-Allah nokuthula makube kuye: "...Ngempela, wayeyinceku ebongayo" [Al-Isra:3], Futhi wathi ngoMuhammad: "Ubusisiwe lowo owembula isahlulelo encekwini yakhe ukuze ibe ngumxwayisi emihlabeni." (1) [Al-Furqan:1].

Futhi wathi ngo-Abrahama, no-Isaac, no-Jakobe -ukuthula nezibusiso zika-Allah kube phezu kwabo-: "Khumbula izinceku zethu uAbrahama noIsaka noJakobe, ababephethe amandla nokuqonda. (45) Ngempela Thina sabakhethela isici esimsulwa, isikhumbuzo sekhaya (lelizayo). (46) Futhi ngempela bona phambi Kwethu baphakathi kwabakhethiweyo, abalungileyo. (47)" [Sad:45-47].

Futhi wathi mayelana no-Jesu, indodana kaMariya: "Akusiwo omunye ngaphandle kokuba yinceku esayipha umusa, futhi samenza isibonelo kubantwana bakwa-Israyeli" (59) [Al Zukhruf:59].

Ukukholwa ezithunyweni kuhlanganisa izinto ezine:

Okokuqala: Ukukholwa ukuthi isigijimi sazo siyiqiniso elivela ku-Allah oPhezukonke, ngakho-ke, lowo ophika isigijimi sesisodwa kuzo, usuke eziphike zonke. Njengoba wathi u-Allah oPhezukonke: "Abantu bakaNowa baphika izithunywa" (105) [Ash-Shu'ara:105] Ngakho-ke u-Allah wabenza baba ngabaphiki bazo zonke izithunywa, nakuba kwakungekho sithunywa ngaphandle kwakhe ngesikhathi bemphika, Ngalokhu-ke amaKristu amphikayo uMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) futhi angamlandeli; nawo ayamphika uMesiya, indodana kaMariya, futhi awamlandeli naye. Ikakhulukazi njengoba ayebanikeze izindaba ezinhle ngoMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye), futhi ukubanikeza kwakhe lezo zindaba kwakungasho lutho olunye ngaphandle kokuthi uyisithunywa kubo, ukuze u-Allah abasindise ngaye ekudukeni, futhi abaholele endleleni eqondile.

Okwesibili: Ukukholwa kulabo abaziwa ngamagama kubo, njengo: Muhammad, noAbrahama, noMose, noJesu, noNowa - ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kubo - Laba abayisihlanu yibo abanokuzimisela okuqinile ezithunyweni, ngempela u-Allah Ophakeme ubabalulile ezindaweni ezimbili kwiQur’an eNgcwele ezwini laKhe elithi: "Futhi ngenkathi sithatha kubaphrofethi isivumelwano sabo, nakuwe, noNowa, noAbrahama, noMose, noJesu indodana kaMariya; futhi sathatha kubo isivumelwano esiqinile." (7) [Al-Ahzab:7] Futhi isisho sakhe: "Unimise kini enkolweni lokho akuphathisa uNowa, nalokho esikwembule kuwe, nalokho esakuphathisa uAbrahama noMose noJesu, ukuthi: “Misani inkolo futhi ningehlukani kuyo.” Kunzima kwabahlanganisi lokho obamemela kukho. U-Allah ukhetha kuye lowo amthandayo futhi uqondisa kuye lowo ophendukayo." (13) [Ash-Shura:13].

Kepha labo kubo esingawazi amagama abo, sikholelwa kubo ngokuhlanganisa, wathi u-Allah oPhezukonke: "Futhi ngempela sathumela izithunywa ngaphambi kwakho; phakathi kwazo kukhona lezo esakulandisela ngazo kuwe, futhi phakathi kwazo kukhona lezo esingakulandiselanga ngazo kuwe..." [Ghaafir:78].

Okwesithathu: Ukukholwa lokho kwemibiko yabo okuqinisekisiwe okuvela kubo.

Okwesine: Ukwenza ngokoMthetho walowo othunyelwe kuthina kubo, onguphawu lwabo uMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye), isithunywa esithunyelwe kuso sonke isintu, u-Allah oPhakeme wathi: "Kodwa cha, ngeNkosi yakho, abakholwa baze bakwenze umahluleli kulokho abaphikisana ngakho phakathi kwabo, bese bengatholi emiphefumulweni yabo ubunzima ngalokho okwahlulele, futhi bazithobe ngokuzithoba okuphelele." (65) [An-Nisā: 65].

Ukukholwa ezithunyweni kunezinzuzo ezinkulu, okubalwa kuzo:

Okokuqala: Ukwazi isihe sika-Allah Ophakeme nokunakekela kwakhe izinceku zaKhe; ngokuthi wathumela kubo izithunywa; ukuze zibaholele endleleni ka-Allah Ophakeme, futhi zibacacisele ukuthi bamkhonza kanjani u-Allah; ngoba ingqondo yomuntu ayikwazi ukufinyelela kulolo lwazi iyodwa.

Okwesibili: Ukumbonga Yena ngalesi sibusiso esikhulukazi.

Okwesithathu: Ukuthanda izithunywa - ukuthula nezibusiso makube phezu kwabo - nokubahlonipha, nokubatusa ngendlela ebafanele; ngoba bayizithunywa zika-Allah, futhi ngoba babeqhuba inkonzo yakhe, bedlulisa umyalezo wakhe, futhi beluleka izinceku zaKhe.

Ngempela abaphikisi baziphika izithunywa zabo, bethi izithunywa zika-Allah oPhezukonke akuzona abantu! U-Allah oPhezukonke wasibalula lesi simangalo, wasichitha ngamazwi akhe oKhazinyulisiweyo: "Futhi akukho okuvimbile abantu ukuba bakholwe lapho sebefikelwe ukuholwa, ngaphandle kokuthi bathi, “Ingabe u-Allah uthumele umuntu ukuba abe yisithunywa?” 94 Ithi, “Ukube kwakukhona emhlabeni izingelosi ezihamba zizolile, ngempela besizokwehlisela kubo ingelosi eyisithunywa ivela ezulwini.” (95) [Al-Isra':94-95].

Ngakho-ke u-Allah Ophakeme wawuchitha lo mbono wokuthi kumele isithunywa sibe ngumuntu; ngoba sithunyelwe kubantu bomhlaba futhi nabo bangabantu. Ukuba abantu bomhlaba babeyizingelosi, u-Allah wayezokwehlisela kubo ingelosi eyisithunywa ivela ezulwini, ukuze ibe njengabo. Kanjalo-ke walanda u-Allah oPhezukonke ngabaphiki bezithunywa ukuthi bathi: "...Aniyilutho nina ngaphandle kokuba ningabantu abafana nathi, nifuna ukusivimbela kulokho obaba bethu ababekukhonza, ngakho-ke siletheleni ubufakazi obucacile. Zathi kubo izithunywa zabo, ‘Asiyilutho thina ngaphandle kokuba singabantu abafana nani, kodwa u-Allah wenza umusa phezu kwalowo amthandayo ezincekwini zaKhe, futhi akusikhona okwethu ukuba sinilethele ubufakazi ngaphandle kwemvume ka-Allah..." [Ibrahim:10-11].

*

Ukukholwa ngosuku lokugcina

Usuku Lokugcina: usuku lokuvuka kwabafileyo lapho abantu beyovuswa khona ukuzokwahlulelwa kanye nomvuzo.

Futhi libizwa kanjalo; ngoba alukho usuku ngemva kwalo; lapho abantu basezulwini bezozinza ezindlini zabo, nabantu basemlilweni ezindlini zabo.

Nokukholwa ngosuku lokugcina kuqukethe izinto ezintathu:

Okokuqala: Ukukholwa ekuvusweni kwabafileyo: okuwukuvuswa kwabafileyo lapho kuyokhaliswa icilongo ngokwesibili; bese abantu bevuka bemele iNkosi yemihlaba, bengenazicathulo, benqunu, bengasokile, wathi u-Allah oPhezukonke: "...njengoba saqala indalo yokuqala, siyoyiphinda; isithembiso esiphezu kwethu, ngempela thina singabenzi." [Al-Anbiya:104].

Futhi ukuvuswa kuyiqiniso eliqinisekisiwe, elifakazelwa yiNcwadi, iSunnah, kanye ne-Ijma' yamaMuslim.

U-Allah oPhezukonke wathi: "Khona-ke ngempela, emva kwalokho nizokufa. (15) Khona-ke ngempela, ngosuku lokuvuka kwabafileyo nizovuswa." (16) [Al Muminoon:15-16].

Futhi wathi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye): «Abantu bayobuthelwa ngosuku lokuvuka kwabafileyo bengafakile zicathulo, benqunu, bengasokile»[13]. Kuvunyelwene ngakho. [13] Yabikwa nguMuslim, kwiNcwadi yaseZulwini nencazelo yenjabulo yalo nabahlali balo, isahluko sokuphela komhlaba nokuchazwa kokubuthana ngosuku lokuVuka, ngenombolo (2859).

Futhi amaMuslim avumelene ngokuqinisekiswa kwaso, futhi lokho kuyisidingo sobuhlakani; njengoba kudinga ukuthi u-Allah oPhezukonke enzele le ndalo indawo yokubuyela, lapho eyobavuza khona ngalokho ababekele kona kulokho athumele ngakho izithunywa zaKhe, wathi u-Allah oPhezukonke: "Kanti benicabanga ukuthi sanidala nje ngeze, nokuthi nina anizukubuyiselwa kithina na?" (115) [Al Muminoon:115] Futhi wathi kuMphrofethi wakhe (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye): "Ngempela lowo owakumisela iQur'an, ngempela uyokubuyisela endaweni yokubuyela..." [Al-Qasas:85].

Okwesibili: Ukukholelwa ekwahlulelweni nasemvuzweni: Inceku iyahlulelwa ngezenzo zayo, futhi ivuzwe ngazo, futhi lokhu kufakazelwa yiNcwadi, neSunnah, kanye nokuvumelana kwamakholwa.

U-Allah oPhezukonke wathi: "Impela, kithina wukubuya kwabo (25) Bese impela, kuphezu kwethu isibalo sabo" (26) [Al-Ghashiyah:25-26]. Wathi oPhezukonke: "Noma ngubani oza nesenzo esihle, khona-ke okwakhe okuyishumi okufana naso, futhi noma ngubani oza nesenzo esibi, khona-ke akasoze avuzwe ngaphandle kokufana naso, futhi bona abasoze boniwe" (160) [Al-An‘ām:160] Wathi oPhezukonke: "Futhi siyobeka izikali zokulunga ngosuku lokuvuka kwabafileyo, ngakho-ke akukho mphefumulo oyokwenziwa okungenabulungiswa ngalutho; futhi noma ngabe kuyisisindo senhlamvu yesinaphi, siyoyiletha. Futhi sanele thina njengababalayo " (47) [Al-Anbiya:47].

Futhi kulandwa ku-Ibn 'Umar (u-Allah abeneme ngabo bobabili), ukuthi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye nomndeni wakhe) wathi: «Ngempela u-Allah uyosondeza ikholwa, abeke phezu kwalo isivikelo sakhe – okungukuthi, isisithezo sakhe – futhi alisithe, bese ethi: ‘Uyasazi isono esithile? Uyasazi isono esithile?’ Liyophendula lithi: ‘Yebo, O Nkosi yami,’ kuze kube yilapho eselivumile izono zalo, futhi libona emphefumulweni walo ukuthi selibhubhile, (u-Allah) athi: ‘Ngazifihla kuwe emhlabeni futhi mina ngiyakuthethelela zona namhlanje,’ bese linikezwa incwadi yezenzo zalo ezinhle. Kepha abangakholwa nabazenzisi, kuyomenyezelwa ngabo phambi kwazo zonke izidalwa: ‘Laba yibona abaqamba amanga ngeNkosi yabo. Meqe isiqalekiso sika-Allah makube phezu kwabenzi bokubi!’»[14] Kuvunyelwene ngakho. [14] Kukhishwe nguBukhari: encwadini al-Madhālim, isahluko samazwi ka-Allāh Ta'ālā: ﴿أَلَا لَعۡنَةُ ٱللَّهِ عَلَى ٱلظَّٰلِمِينَ﴾, ngenombolo (2309), kanye noMuslim: iKitāb at-Tawbah, isahluko sokwamukelwa kokuphenduka kombulali noma ngabe kwanda ukubulala kwakhe, ngenombolo (2768).

Futhi kuqinisekisiwe okuvela kuMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye): «Ukuthi lowo ohlose ukwenza isenzo esihle, abuye asenze; u-Allah uyibhalela kuye njengezenzo ezihle eziyishumi kuze kufike ekuphindweni okungamakhulu ayisikhombisa, nasekuphindaphindweni okuningi, futhi ukuthi lowo ohlose ukwenza isenzo esibi, abuye asenze; u-Allah usibhala njengesenzo esibi esisodwa»[15]. [15] Ilandiswe nguMuslim: iNcwadi yokuKholwa, isahluko esithi Uma inceku ihlose ukwenza okuhle kuyalotshwa futhi uma ihlose okubi akulotshwa, inombolo (131).

Futhi amaMuslim avumelene ngazwi linye ngokuqinisekisa ukubalwa kwezenzo kanye nomvuzo wazo, futhi lokhu kuyimfuneko yokuhlakanipha; ngoba u-Allah Ophakeme wehlisela izincwadi, wathumela izithunywa, futhi wenza kwaba yisibopho ezincekwini zaKhe ukwamukela lokho ezafika nakho, nokwenza lokho okuyisibopho okukuwo, futhi wenza kwaba yisibopho ukulwa nalabo abaphikisana nakho, futhi Wavumela igazi labo, nenzalo yabo, nabesifazane babo, kanye nengcebo yabo. Ukube bekungekho ukubalwa kwezenzo kanye nempindiselo, ngabe lokhu bekuyize, okuyinto iNkosi engusohlakani ihlanzekile kuyo. Futhi u-Allah oPhezukonke wakukhomba lokho ngezwi lakhe: "Ngempela siyobabuza labo okwathunyelwa kubo, futhi ngempela siyozibuza iziThunywa. (6) Bese ngempela siyobalandisela ngolwazi, futhi sasingekho." (7) [Al-A'raf:6-7].

Okwesithathu: Ukukholelwa eZulwini naseMlilweni, nokuthi kokubili kuyisiphetho saphakade sezidalwa.

Ngakho-ke eZulwini liyikhaya lobumnandi alilungiselele u-Allah oPhezukonke abakholwayo abamhloniphayo, labo abakholwa kulokho u-Allah Akumisa njengesibopho kubo ukuba bakholwe kukho, futhi balalela u-Allah nesiThunywa sakhe, beqotho ku-Allah, belandela isiThunywa sakhe; kulo kunezinhlobo zobumnandi. «Okungakaze kubonwe yiso, kungakaze kuzwiwe yindlebe, futhi kungakaze kungene enhliziyweni yomuntu»[16] U-Allah oPhezukonke wathi: "Ngempela, labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo, yibona abayizidalwa ezinhle kunazo zonke.(7) Umvuzo wabo oseNkosini yabo yizivande zase-Adn okugeleza ngaphansi kwazo imifula, bayohlala kuzo ingunaphakade; u-Allah ukholisekile ngabo futhi nabo bakholisekile Ngaye. Lokho kungokwalowo owesaba iNkosi yakhe."(8) [Al-Bayyinah:7-8] Wathi oPhezukonke: "Akekho umphefumulo owaziyo lokho okufihlelwe bona okuyintokozo yamehlo, njengomvuzo ngalokho ababekwenza."(17) [As-Sajdah:17]. [16] Ilandiswe nguBukhari: Incwadi Yencazelo, isahluko senkulumo yaKhe ethi: "Akekho umphefumulo owaziyo lokho okufihlelwe bona okuyintokozo yamehlo", ngenombolo (4501), noMuslim: Incwadi yePharadesi kanye nencazelo yobumnandi balo nabahlali balo, ngenombolo (2824).

Kepha uMlilo: uyindawo yesijeziso u-Allah oPhakeme ayilungiselele abangakholwa abenza okubi, labo abangakholwanga kuye futhi abangazange balalele iziThunywa zaKhe, kuwo kunezinhlobo zesijeziso nokuhlushwa okungenakucatshangwa, U-Allah oPhezukonke wathi: "Futhi zivikeleleni emlilweni olungiselelwe abaphikayo" (131) [Al-Imran:131] Wathi oPhezukonke: "Futhi ithi, Iqiniso livela eNkosini yenu, ngakho-ke lowo othandayo makakholwe, nalowo othandayo makangakholwa.’ Ngempela thina silungiselele abenzi bokubi uMlilo odonga lwawo luyobazungeleza. Futhi uma becela usizo, bayosizwa ngamanzi anjengensimbi encibilikisiwe, ashisa ubuso. Kubi isiphuzo, futhi yimbi indawo yokuhlala." (29) [Al-Kahf:29] Wathi oPhezukonke: "Ngempela u-Allah ubaqalekisile abangakholwa futhi wabalungiselela umlilo ovuthayo(64). Bayohlala kuwo ingunaphakade, bengazukuthola mvikeli noma msizi (65). Ngosuku lapho ubuso babo buyophethulwa emlilweni, bayothi, Hawu, ukube salalela u-Allah futhi salalela nesiThunywa!” (66) [Al-Ahzab:64-66].

Ukukholwa ngosuku lokugcina kunezinzuzo ezinkulu, okubalwa kuzo:

Eyokuqala: Ukulangazelela ukwenza izenzo zokulalela, nokukushisekela, ngethemba lomvuzo walolo suku.

Okwesibili: Ukwesaba ukwenza isono, nokwaneliseka ngaso; ngokwesaba isijeziso salolo suku.

Okwesithathu: Ukududuza umkholwa ngalokho okumphuthayo kulo mhlaba, ngenxa yalokho akwethemba ebumnandini be-Ākhirah kanye nomvuzo wayo.

Abangakholwa baphikile ukuvuswa ngemuva kokufa; bethi lokho akunakwenzeka.

Futhi lesi simangalo siwubuze, obufakazelwa wuMthetho, nokuzwa, kanye nengqondo.

Kepha mayelana noMthetho, wathi u-Allah oPhezukonke: "Bathi labo abangakholwa ukuthi abasoze bavuswe. Yisho, “Qha, nangeNkosi yami, ngempela nizovuswa, bese nizolandiselwa ngalokho enakwenza. Futhi lokho kulula ku-Allah." (7) [At-Taghabun:7]. Futhi zonke izincwadi zasezulwini zivumelene ngakho.

Kepha ngokuqondene nobufakazi obuphathekayo: u-Allah wabonisa izinceku zaKhe ukuvuswa kwabafileyo kulo mhlaba, futhi kwiSurah Al-Baqarah kunezibonelo ezinhlanu zalokho, eziyilezi:

Isibonelo sokuqala: Abantu bakwaMose ngesikhathi bethi kuye: "...Asisoze sikukholwe size sibone u-Allah obala..." [Al-Baqarah:55] Ngakho-ke u-Allah oPhezukonke wabanika ukufa, wabe esebaphilisa, Futhi ngalokho wathi u-Allah Ophakeme, ebhekise kubantwana bakwa-Israyeli: "Futhi ngenkathi nithi, 'O Mose, asisoze sakholwa kuwe size sibone u-Allah ngokusobala,' khona-ke umbani wanithatha nisabhekile.(55) Sabe sesinivusa emva kokufa kwenu ukuze nibonge."(56) [Al-Baqarah:55-56].

Isibonelo sesibili: Endabeni yomuntu obulewe abantwana bakwa-Israyeli ababephikisana ngaye, u-Allah Ophakeme wabayala ukuba bahlabe inkomazi bamshaye ngengxenye yayo; ukuze abatshele ukuthi ubani owambulalayo, futhi ngalokho uthi u-Allah Ophakeme: "Futhi nangenkathi nabulala umuntu nasolana ngaye, kanti u-Allah wayezodalula lokho enanifihla.(72) Ngakho-ke sathi, mshayeni ngengxenye yayo. Kanjalo u-Allah uvusa abafileyo futhi unikhombisa izimpawu zaKhe ukuze niqonde."(73) [Al-Baqarah:72-73].

Isibonelo sesithathu: endabeni yabantu abaphuma emizini yabo bebalekela ukufa beyizinkulungwane; ngakho-ke u-Allah Ophakeme wabenza bafa, wabe esebavusa. Futhi kulokho uthi u-Allah Ophakeme: "Awubonanga yini labo abaphuma emakhaya abo beyizinkulungwane ngenxa yokwesaba ukufa? Wase ethi u-Allah kubo, “ifani,” wase ebaphilisa. Ngempela u-Allah ungumnikazi womusa kubantu, kepha iningi labantu alibongi." (243) [Al-Baqarah:243].

Isibonelo sesine: endabeni yalowo owadlula edolobhaneni elifile, wabe esekubona kukude ukuthi u-Allah oPhezukonke angayiphilisa; wabe esemenza wafa u-Allah oPhezukonke iminyaka eyikhulu, wase emphilisa, futhi mayelana nalokho u-Allah oPhezukonke uthi: "Noma njengalowo owadlula edolobhaneni lona seliyincithakalo liwile phezu kophahla lwalo. Wathi, “U-Allah angaliphilisa kanjani leli (dolobhana) emva kokufa kwalo na?” Ngakho-ke u-Allah wamenza ukuba afe iminyaka eyikhulu, bese wamvusa. Wathi u-Allah, “Uhlale isikhathi esingakanani?” Wathi, “Ngihlale usuku noma ingxenye yosuku.” Wathi, “Cha, kunalokho uhlale iminyaka eyikhulu. Ngakho-ke bheka ukudla kwakho nesiphuzo sakho, akukonakele. Futhi bheka imbongolo yakho, ukuze sikwenze isibonakaliso kubantu. Futhi bheka amathambo ukuthi siwahlanganisa kanjani bese siwembathise inyama.” Kwathi lapho sekucacile kuye, wathi, “Sengiyazi ukuthi ngempela u-Allah unamandla phezu kwazo zonke izinto.” (259) [Al-Baqarah:259].

Isibonelo sesihlanu: Endabeni ka-Abrahama uKhalil, ngesikhathi ecela u-Allah oPhezukonke ukuba ambonise ukuthi uvusa kanjani abafileyo; wabe esemyalela u-Allah oPhezukonke ukuba ahlabe izinyoni ezine, azihlukanise zibe yizicucu ezintabeni ezimzungezile, bese eyazibiza; kwase kuhlangana izingxenye enye nenye, zeza ku-Abrahama zishesha, futhi mayelana nalokho u-Allah oPhezukonke uthi: "Nangesikhathi u-Abrahama ethi, “Nkosi yami, ngibonise ukuthi ubavusa kanjani abafileyo.” Wathi, “Awukholwa yini na?” Wathi, “Yebo, kodwa ukuze inhliziyo yami ithole ukuthula.” Wathi, “Ngakho-ke thatha izinyoni ezine uziqoqele kuwena, bese ubeka phezu kwayo yonke intaba ingxenye yazo, bese uzibize, ziyoza kuwena ngokushesha. Futhi yazi ukuthi u-Allah ungoNamandla Onke, uHlakaniphile." (260) [Al-Baqarah:260].

Ngakho-ke lezi yizibonelo eziphathekayo nezingokoqobo, ezifakazela ukuthi kungenzeka ukuvuswa kwabafileyo, futhi sekuvele kwabhekiselwa ezibonakalisweni u-Allah oPhezukonke azinikeza uJesu indodana kaMariya zokuvusa abafileyo, nokubakhipha emathuneni abo -ngemvume ka-Allah oPhezukonke-.

Kepha ubufakazi bengqondo: buvela ngezindlela ezimbili:

Okokuqala: ukuthi u-Allah oPhezukonke unguMdali wamazulu nomhlaba nakho konke okukuzo, owakudala ekuqaleni, futhi Lowo oNamandla okuqala indalo akanakwehluleka ukukudala kabusha. Wathi u-Allah oPhezukonke: "Futhi nguye oqala indalo bese eyiphinda, okuyinto elula kakhulu kuye..." [Ar-Rum:27]. Wathi oPhezukonke: "...njengalokhu saqala indalo yokuqala siyoyibuyisela; isithembiso esiphezu kwethu, ngempela thina siyakwenza." [Al-Anbiya:104]. Futhi wathi eyala ngempendulo kulowo owaphika ukuvuswa kwamathambo esebolile: "Ithi, uzoyiphilisa lowo owayidala okokuqala, futhi Yena unguMazi wendalo yonke." (79) [Ya-Sin:79].

Okwesibili: ukuthi umhlaba uba ufile, unganyakazi, kungekho kuwo nesihlahla esiluhlaza; bese kwehla imvula phezu kwawo; wabe usunyakaza uba luhlaza usuphila, kuvele kuwo zonke izinhlobo zezitshalo ezinhle. Lowo onamandla okuwuphilisa emva kokufa kwawo, unamandla okuphilisa abafileyo. Wathi u-Allah oPhakeme: “Futhi ezinye zezibonakaliso zaKhe wukuthi ubona umhlaba uyinyumba, kuthi lapho sehlisela amanzi phezu kwawo, unyakaze wande. Ngempela Lowo owayiphilisayo, impela nguye ophilisa abafileyo. Ngempela Yena unamandla phezu kwakho konke.” (39) [Fussilat:39] Wathi oPhezukonke: “Futhi sehlisa evela ezulwini amanzi abusisekile, sabe sesihlumisa ngawo izivande nezinhlamvu zokuvuna (9) Nezihlahla zesundu ezinde ezinezithelo ezihlelekile (10) Njengesabelo sezinceku; futhi saphilisa ngawo izwe elifile. Kanjalo kungukuvuka.” (11) [Qaf: 9-11]

Futhi okuhlanganiswe nokukholwa ngoSuku Lokugcina: ukukholelwa kukho konke okuyokwenzeka ngemva kokufa, njenge:

(A) Isilingo sethuna: okungukuthi ukubuzwa kofileyo ngemuva kokungcwatshwa kwakhe ngeNkosi yakhe, nangenkolo yakhe, nangomPhrofethi wakhe; bese u-Allah ebaqinisa labo abakholwayo ngezwi eliqinileyo, bese ethi: INkosi yami ngu-Allah, nenkolo yami yi-Islam, nomPhrofethi wami nguMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah kube kuye). Futhi u-Allah uyabadukisa abenzi bokubi, bese umphiki ethi: “Hha, hha, angazi,” futhi uthi umzenzisi noma ongabazayo: “Angazi, ngezwa abantu besho okuthile ngase ngikusho nami.”

(b) Ukuhlushwa kwasethuneni nobumnandi balo: Kuba okwababenzi bobubi abaphakathi kwabazenzisi nabangakholwa, u-Allah Ophakeme wathi: “Ukube ubungabona lapho abenzi bokubi besemahlukulwini okufa, futhi izingelosi zelule izandla zazo, “Khiphani imiphefumulo yenu! Namhlanje niyokwehliselwa isijeziso esilulazayo ngenxa yalokho enanikusho ngo-Allah okungesilo iqiniso, futhi enanizikhukhumeza ngezibonakaliso zaKhe.” [Al-An'am:93].

Wathi oPhezukonke ngabantu bakwaFaro: “Umlilo bavezwa kuwo ekuseni nakusihlwa. Futhi ngosuku lokuma kweHora (kuzothiwa), “Ngenisani abantu bakwaFaro esijezisweni esinzima kakhulu.” (46) [Ghafir:46].

Futhi kuSahih Muslim, ekulandiseni kukaZayd ibn Thabit (u-Allah akathokoze ngaye) okuvela kuMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye), wathi: «Ukuba bekungengenxa yokuthi anizukungcwabana, bengizocela ku-Allah ukuba anizwise esijezisweni sethuna engisizwayo» Bese ebhekisa ubuso bakhe wathi: «Khoselani ku-Allah esijezisweni somlilo». Bathi: Siphephela ku-Allah esijezisweni somlilo, wathi: «Khoselani ku-Allah esijezisweni sethuna» Bathi: Sikhosela ku-Allah esijezisweni sethuna, wathi: «Khoselani ku-Allah ezilingweni, ezibonakalayo kanye nezifihliwe.» Bathi: Sikhosela ku-Allah ezilingweni ezisobala nezifihlekile, wathi: «Khoselani ku-Allah esilingweni sikaDajjal.» Bathi: siphephela ku-Allah esilingweni sikaDajjal [17]. [17] Ibikwe nguMuslim: Incwadi yeJannah nencazelo yobumnandi bayo kanye nabantu bayo, isahluko sokuboniswa kwendawo yomufi eseJannah noma eseMlilo, kanye nokuqinisekiswa kwesijeziso sethuna nokucela isiphephelo kuso, ngenombolo (2867).

Kepha ubumnandi basethuneni: bungokwabakholwayo abaqinisileyo, u-Allah oPhezukonke wathi: “Ngempela, labo abathi, “INkosi yethu ngu-Allah,” bese bema baqina, zehlela phezu kwabo izingelosi zithi, “Ningesabi futhi ningadabuki, futhi yamukelani izindaba ezinhle zeSivande enanithenjiswa sona.” (30) [Fussilat:30].

Wathi oPhezukonke: “Pho kungani uma (umphefumulo) usufike emphinjeni, (83) nibe nina ngaleso sikhathi nibuka, (84) futhi thina sisondelene naye ukunidlula, kepha nina aniboni. (85) Ngakho-ke uma kungukuthi anizukwahlulelwa, (86) wubuyiseni (lowo mphefumulo) uma nineqiniso. (87) Kepha uma (ongasekho) engomunye wabasondelene (no-Allah), (88) khona-ke okwakhe wukuphumula, nesabelo esihle kanye nesivande senjabulo. (89) [Al-Waqi'ah:83-89].

Futhi kulandwa ku-Al-Bara' bin 'Azib (u-Allah akathokoze ngaye), ukuthi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) wathi ngokuphathelene nekholwa uma liphendula izingelosi ezimbili ethuneni lalo: «Kuzomemeza izwi elivela ezulwini: 'Iqinisile inceku yami, ngakho-ke mendlaleleni okwaseZulwini, futhi nimgqokise okwaseZulwini, futhi nimvulele isango eliya eZulwini.' Kuyobe sekufika kuye umoya wakhona omnandi nephunga lako elihle, futhi ithuna lakhe landiswe ngangokubona kweso lakhe» Yalandiswa ngu-Ahmad no-Abu Dawud kwi-hadith ende[18]. [18] Ikhishwe ngu-Abu Dawud: Incwadi yeSunnah, Isahluko sombuzoethuneni nesijeziso sethuna, ngenombolo (4753), kanye no-Ahmad: Musnad weKufiyyin, hadith ka-Al-Bara' bin 'Azib, ngenombolo (18534).

Futhi abanye abantu abaphambukayo badukile, ngakho-ke baphika isijeziso sethuna, nenjabulo yalo, bethi lokho akunakwenzeka ngoba kuphambene neqiniso. Bathi: Ngoba uma umufi engembulwa ethuneni lakhe, wayezotholakala enjengoba ayenjalo, futhi ithuna alishintshile ngobubanzi noma ngokuncipha.

Futhi lokhu okushiwo kuyize ngokomthetho, nangezinzwa, nangengqondo:

Kepha mayelana nomthetho: imibhalo efakazela isijeziso sethuna nenjabulo yaso isivele yandulela.

Futhi kuSahih al-Bukhari ekulandisweni kuka-Ibn Abbas, (sengathi u-Allah angajabula ngabo bobabili) wathi: “Waphuma uMprofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) kwesinye sezivande zaseMadina; wayesezwa izwi labantu ababili ababejeziswa emathuneni abo.” Wayibalula i-hadith, futhi kuyo: «ukuthi omunye wabo wayengazivikeli kumchamo» Futhi ekulandiseni: «emchameni wakhe» «Futhi ukuthi omunye wayehamba nenhlebo», Futhi ekulandiseni kukaMuslim: “Akazivikeleli kumchamo”[19]. [19] Kulandiswe ngu-Al-Bukhari: Incwadi yokuwudhu, Isahluko sokuwashwa Komchamo, ngenombolo (215).

Ngokuqondene nomuzwa: umuntu olele ubona ephusheni lakhe ukuthi wayesendaweni evulekile, ejabulisayo, ezitika kuyo, noma ukuthi wayesendaweni encane, esabekayo, ehlushwa yiyo, futhi mhlawumbe ngezinye izikhathi uyavuka kulokho akubonile. Nokho, usuke esembhedeni wakhe ekamelweni lakhe, enjengoba enjalo, kanti ubuthongo bungumfowabo wokufa; kungakho-ke u-Allah oPhezukonke wakubiza ngokuthi (ukufa). U-Allah oPhezukonke wathi: “U-Allah uthatha imiphefumulo ngesikhathi sokufa kwayo, naleyo engakafi ebuthongweni bayo; bese egodla leyo anqumele ukufa, abuyisele enye kuze kube yisikhathi esinqunyiwe...” [Az-Zumar:42].

Mayelana nengqondo: umuntu olele ebuthongweni bakhe ubona iphupho eliyiqiniso elihambisana neqiniso, futhi kungenzeka ukuthi wabona uMprofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) esesimweni sakhe, futhi lowo ombonile esesimweni sakhe, ngempela umbonile ngeqiniso, kodwa noma kunjalo, olele usegumbini lakhe embhedeni wakhe, kude nalokho akubonile. Uma lokhu kungenzeka ezimweni zalomhlaba, ngeke yini kungenzeke ezimweni zase-Akhirah?

Mayelana nokuncika kwabo kulokho abakusolayo kokuthi uma ofileyo engembulwa ethuneni lakhe; uzotholakala enjengoba ayenjalo, nethuna lingaguqukile ngokwanda noma ngokuncipha; impendulo yalokho-ke isezinhlakothini eziningana, phakathi kwazo kukhona:

Okokuqala: Ukuthi akuvumelekile ukuphikisa lokho okulethwe umthetho ngezinsolo eziyize, ezingathi ukube umphikisi ubengacabangisisa ngokweqiniso ngalokho okulethwe umthetho, ngabe wabona ubuze bazo, futhi kwathiwa:

Baningi abasola izwi eliqinisile.

Futhi umonakalo wako uvela ekuqondeni okonakele.

Okwesibili: Ukuthi izimo ze-Barzakh ziphakathi kwezindaba zokungabonwayo ezingaqondakali ngemizwa, futhi ukube beziqondakala ngemizwa, ngabe isiphelile inzuzo yokukholwa kokungabonwayo, futhi bebeyolingana abakholwayo kokungabonwayo kanye nabaphikayo ekuziqinisekiseni.

Okwesithathu: ukuthi ukuhlushwa, nobumnandi, nokunweba kwethuna, nokumpintshana kwalo; kuzwiwa ngofileyo kuphela, hhayi abanye. Lokhu kufana nalapho olele ebona ephusheni lakhe ukuthi usendaweni empintshayo neyesabekayo, noma endaweni ebanzi nenamileyo, kanti labo abaseduze kwakhe abakuboni lokho futhi abakuzwa. Futhi ngempela uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah kube kuye) wayehlelwa yisambulo esesiphakathi kwabangane bakhe; wayesizwa yena isambulo, kodwa abangane bakhe bengasizwa. Futhi ngezinye izikhathi ingelosi yayizibonakalisa kuye isesimweni sendoda bese ikhuluma naye, kanti abangane bakhe bengayiboni ingelosi futhi bengayizwa.

Okwesine: Ukuthi ukuqonda kwezidalwa kunomkhawulo kulokho u-Allah oPhezukonke abenze bakwazi ukukuqonda, futhi ngeke bakwazi ukuqonda konke okukhona. Amazulu ayisikhombisa, nomhlaba, nakho konke okukuzo, nayo yonke into, kudumisa ngokubonga u-Allah ngokudumisa kwangempela, okuzwiswa ngu-Allah oPhezukonke ngezinye izikhathi kulowo amthandayo ezidalweni zaKhe. Nokho usithekile kithina, futhi kulokho uthi u-Allah Ophakeme: "Ayamkhazimulisa Yena amazulu ayisikhombisa nomhlaba nakho konke okukuwo; futhi akukho lutho olungamkhazimulisi ngokumdumisa, kodwa anikuqondi ukukhazimulisa kwabo..." [Al-Isra:44] Futhi kanjalo oShaytan namaJinn bazulazula emhlabeni beya bebuya, futhi amaJinn afika kusiThunywa sika-Allah (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye), balalela ukufunda kwakhe, bathula balalela, base bebuyela kubantu bakubo njengabaxwayisi. Futhi kanye nalokhu bona bafihlekile kithina, futhi mayelana nalokho u-Allah Ophakeme uthi: "O Bantwana baka-Adamu, ningavumeli uSathane njengoba wakhipha abazali benu ezulwini, ebahlubula izembatho zabo ukuze ababonise ubunqunu babo. Ngempela yena kanye nesizwe sakhe bayanibona lapho ningababoni khona. Ngempela thina senze oShathane abavikeli balabo abangakholwa." (27) [Al-A'raf:27] Njengoba izidalwa zingakuqondi konke okukhona; ngakho-ke akufanele ziphike lokho okuqinisekisiwe ezindabeni zokungabonwayo, yize zingakuqondi.

*

Ukukholwa kwiQadar.

iQadar: Yisimiselo sika-Allah sezidalwa, ngokwalokho okwandulelwa ulwazi lwakhe, futhi okwamiswa ukuhlakanipha kwakhe.

Futhi ukukholwa kwiQadar kuqukethe izinto ezine:

Okokuqala: Ukukholwa ukuthi u-Allah oPhezukonke wazi zonke izinto, ngokuphelele nangemininingwane yazo, kusukela phakade kuya phakade, kungakhathaliseki ukuthi lokho kuphathelene nezenzo zaKhe, noma nezenzo zezinceku zaKhe.

Okwesibili: Ukukholwa kokuthi u-Allah oPhezukonke wabhala lokho kwi-Lawh al-Mahfuz, futhi mayelana nalawa maphuzu amabili wathi u-Allah oPhezukonke: "Awazi yini ukuthi u-Allah uyazi okusezulwini nasemhlabeni? Ngempela lokho kuseNcwadini. Ngempela lokho kulula ku-Allah." (70) [Al-Hajj:70].

Futhi kuSahih Muslim, evela ku'Abdullah ibn 'Amr ibn al-'Aas (u-Allah akajabule ngabo bobabili) wathi: Ngezwa isiThunywa sika-Allah (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) sithi: "u-Allah wabhala izimiso zezidalwa ngaphambi kokuba adale amazulu nomhlaba ngeminyaka eyizinkulungwane ezingamashumi amahlanu"[20]. [20] Ilandiswe nguMuslim: Incwadi yeQadar, Isahluko sokuphikisana kuka-Adamu noMose ukuthula kube phezu kwabo, ngenombolo (2653).

Okwesithathu: Ukukholwa ekutheni zonke izidalwa azenzeki ngaphandle kwentando ka-Allah oPhezukonke, kungakhathaliseki ukuthi kuphathelene nesenzo saKhe noma kuphathelene nesenzo sezidalwa. Wathi u-Allah oPhezukonke mayelana nesenzo saKhe: "Futhi iNkosi yakho idala lokho ekuthandayo futhi iyakhetha..." [Al-Qasas:68] Futhi wathi: "...futhi u-Allah wenza lokho akuthandayo" [Ibrahim:27] Wathi: "Nguye onibumbayo ezibelethweni ngendlela athanda ngayo..." [Al-Imran:6] Futhi wathi oPhezukonke ngokuphathelene nesenzo sezidalwa: "...Futhi ukube u-Allah wayethanda, ngabe wabavumela phezu kwenu bese belwa nani..." [An-Nisā’:90] Wathi: "...futhi ukube iNkosi yakho yathanda, ngabe abakwenzanga lokho. Ngakho-ke bayeke kanye nalokho abakuqambayo" [Al-An'am:112].

Okwesine: Ukukholwa ukuthi zonke izidalwa ziyizidalwa zika-Allah oPhezukonke ngobuqobo bazo, nangezimpawu zazo, nangokunyakaza kwazo. Wathi u-Allah oPhezukonke: "U-Allah unguMdali wako konke; futhi Yena phezu kwako konke unguMphathi." (62) [Az-Zumar:62] Futhi wathi Ophakeme: "...futhi wadala konke, wakumisa ngesilinganiso esifanele." [Al-Furqan:2] Futhi wathi ngoMphrofethi wakhe u-Abrahama (ukuthula nezibusiso makube kuye) ukuthi, wathi kubantu bakhe: "Kanti ngu-Allah owanidalayo nina kanye nalokho enikwenzayo" (96) [As-Saffat:96].

Futhi ukukholwa kwiQadar - njengoba sikuchazile - akuphikisani nokuthi inceku ibe nentando ezenzweni zayo ezokuzikhethela, namandla phezu kwazo; ngoba umthetho neqiniso kokubili kufakazela ukuqinisekiswa kwalokho kuyo.

Mayelana noMthetho weNkolo: uthe u-Allah oPhezukonke mayelana nentando: "...ngakho-ke lowo ofisayo makathathe indlela yokubuyela eNkosini yakhe" [An-Naba':39] Futhi wathi: "...khona-ke sondelani ensimini yenu ngendlela eniyifisayo..." [Al-Baqarah:223] Futhi wathi ngokuphathelene naMandla: "Ngakho-ke sabani u-Allah ngokusemandleni enu, futhi lalelani, futhi nihloniphe... [At-Taghabun:16]. Futhi wathi: "U-Allah akathwesi muntu umthwalo ongaphezu kwamandla akhe. Okwakhe yilokho akusebenzele, futhi phezu kwakhe yilokho akuzuzile..." [Al-Baqarah:286].

Ngokuphathelene neqiniso elikhona: ngempela wonke umuntu uyazi ukuthi unentando namandla, enza ngawo futhi ayeke ngawo, futhi uyehlukanisa phakathi kwalokho okwenzeka ngentando yakhe njengokuhamba, nalokho okwenzeka ngaphandle kwentando yakhe njengokuqhaqhazela. Kodwa intando yenceku namandla ayo kwenzeka ngentando ka-Allah nangamandla akhe; ngenxa yesisho sika-Allah: "Kulowo kini ofisa ukulunga. (28) Futhi anifisi ngaphandle kokuba afise uMvelinqangi, iNkosi yemihlaba." (29) [At-Takwir:28-29] Futhi ngoba iNdalwe yonke ingumbuso ka-Allah; akukho lutho olwenzekayo embusweni wakhe ngaphandle kolwazi lwakhe nentando yakhe.

Futhi ukukholwa kwiQadar -ngendlela esichaze ngayo- akuniki inceku izaba ngezibopho eyazishiyayo, noma ngezono eyazenzayo. Ngakho-ke, ukuzithethelela kwayo ngakho kuyize ngezizathu eziningana:

Elokuqala: yizwi lakhe oPhezukonke: "Bazothi labo abamenzela u-Allah abahlanganyeli, ‘Ukube u-Allah wayethanda, besingeke simenzele abahlanganyeli, thina kanye nobaba bethu, futhi besingeke senqabele lutho.’ Kanjalo baphika labo ababengaphambi kwabo baze banambitha isijeziso sethu. Ithi, ‘Ninanolwazi yini eningaluveza kithina na? Anilandeli lutho ngaphandle komcabango, futhi anenzi lutho ngaphandle kokuqamba amanga." (148) [Al-An'am:148] Ukube babenobufakazi ngeQadar, ngabe u-Allah akabazwisanga isijeziso sakhe.

Okwesibili: yizwi lakhe oPhezukonke: "Izithunywa ezingabalethi bezindaba ezinhle kanye nabaxwayisi, ukuze abantu bangabi naluphiko ku-Allah emva kwezithunywa. Futhi u-Allah unguMninimandla, oHlakaniphileyo." (165) [An-Nisā: 165] Ukube iQadar sika-Allah sasiyisizathu esizwakalayo kwabaphikayo, bekungeke kube nasidingo sokuthunyelwa kwezithunywa; ngoba ukuphika emva kokuthunyelwa kwazo kwenzeka ngeQadar sika-Allah oPhezukonke.

Okwesithathu: Okulandiswe nguBukhari noMuslim -futhi amazwi angakaBukhari- okuvela ku-Ali bin Abi Talib (u-Allah akathokoze ngaye), ukuthi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) wathi: «Akekho noyedwa phakathi kwenu ngaphandle kokuba isilotshiwe indawo yakhe yaseMlilweni noma yaseZulwini.» Wayesethi indoda kubantu: "Akufanele yini sithembele, O siThunywa sika-Allah?" Wathi: "(Cha, sebenzani, ngokuba wonke umuntu uyaholelwa)" Bese wafunda: "Ngakho-ke lowo ophayo, futhi enokwesaba" (5) [Al-Layl:5]. Futhi ngokulandisa kukaMuslim: «Ngakho-ke, wonke umuntu wenzelwe lula lokho adalelwe khona».[21] UMphrofethi ﷺ wayala ngokusebenza, futhi wenqabela ukwencika kwiQadar. [21] Ilandiswe ngu-Al-Bukhari: Incwadi yeQadar, Isahluko: Futhi isinqumo sika-Allah siyisimiselo esinqunyiwe, ngenombolo (6605), kanye noMuslim: Incwadi yeQadar, Isahluko: Indlela yokudalwa komuntu esiswini sikanina nokubhalwa kwesabelo sakhe, nesikhathi sakhe sokuphila, nezenzo zaKhe, nosizi lwakhe nenjabulo yakhe, ngenombolo (2647).

Okwesine: ukuthi u-Allah oPhezukonke wayala inceku futhi wayenqabela, futhi akayibophanga ngaphandle kwalokho ekwaziyo, U-Allah oPhezukonke wathi: "Ngakho-ke sabani u-Allah ngokusemandleni enu, futhi nilalele futhi nithobele..." [At-Taghabun:16] Futhi Wathi: "U-Allah akathwesi mphefumulo ngaphandle kwamandla awo..." [Al-Baqarah:286] Ukube inceku ibiphoqelelwe esenzweni, ngabe ithweswe umthwalo walokho engenakuzikhulula kukho, futhi lokhu kungubuze. Yingakho uma yenza isono ngokungazi, noma ngokukhohlwa, noma ngokuphoqwa; ayinaso isono; ngoba yexusiwe.

Okwesihlanu: ukuthi iQadar ka-Allah iyimfihlo efihliwe, engaziwa kuze kube ngemva kokwenzeka kwalokho okumiselwe, futhi intando yenceku yalokho ekwenzayo yandulela isenzo sayo; ngakho-ke intando yayo yokwenza isenzo isuke ingasekelwe olwazini lwayo ngeQadar ka-Allah, ngaleso sikhathi-ke kuyachitheka izaba layo ngeQadar; ngoba umuntu akanabo ubufakazi kulokho angakwazi.

Okwesithupha: Sibona abantu ekhuthalele lokho okumfanele ezindabeni zomhlaba wakhe aze akuzuze, futhi akaphambuki kukho aye kokungamfanele, bese ebeka izaba nge-Qadar ngokuphambuka kwakhe. Pho kungani-ke ephambuka kulokho okumzuzisayo ezindabeni zenkolo yakhe aye kulokho okumlimazayo, abese ebeka izaba nge-Qadar? Kanti isimo salokhu kokubili asisodwa yini?

Kuwe kunesibonelo esichaza lokho:

Ukube umuntu ubenezindlela ezimbili phambi kwakhe: eyokuqala imholela ezweni eligcwele isiphithiphithi: ukubulala, nokuphanga, ukwephulwa kwesithunzi, ukwesaba, nendlala. Kanti eyesibili imholela ezweni elinokuhleleka, nokuphepha okusimeme, nempilo entofontofo, nenhlonipho yemiphefumulo, neyesithunzi, kanye neyempahla. Pho, iyiphi indlela kulezi zombili abengayihamba?

Ngempela uyolandela indlela yesibili emholela ezweni lokuhleleka nokuphepha, futhi akukho muntu ohluzekile engqondweni ongaze alandele indlela yezwe lesiphithiphithi, nokwesaba, abese ezithethelela ngesimiselo. Pho kungani endabeni yokuphila okuzayo elandela indlela yoMlilo esikhundleni seZulwini, abese ebeka isiphetho njengesizathu?

Futhi esinye isibonelo: siyabona isiguli siyalelwa ngomuthi; bese siyawuphuza, kanti umphefumulo waso awuwufisi, futhi siyenqatshelwa ukudla okusilimazayo; bese sikuyeka, kanti umphefumulo waso uyakufisa, konke lokho kukufuna ukwelapheka nokuphepha, futhi ngeke kwenzeke ukuthi sigweme ukuphuza umuthi, noma sidle ukudla okusilimazayo, futhi sizithethelele ngeQadar. Pho kungani umuntu eshiya lokho u-Allah nesihunywa sakhe abakuyalele, noma enze lokho u-Allah nesiThunywa sakhe abakwenqabele, bese ezithethelela ngeQadar?

Okwesikhombisa: ukuthi lowo ozithethelela ngeQadar ngalokho akushiyile ezibophweni, noma akwenzile ezonweni, uma kungathiwa kunomuntu omhlaselayo athathe impahla yakhe, noma ahlazise isithunzi sakhe, bese ezithethelela ngeQadar, athi: “Ungangisoli ngoba ukuhlasela kwami kwakungeQadar lika-Allah” - ngeke abusamukele ubufakazi bakhe, Pho angakwenqaba kanjani ukwamukela isizathu seSimiselo ekwephuleni komunye ilungelo lakhe, bese ezithethelela ngaso Yena ekwephuleni kwakhe ilungelo lika-Allah oPhezukonke?

Kuyalandiswa ukuthi uMkhuzi wamaKholwa u-Umar ibn al-Khattāb, u-Allah makajabule ngaye, kwalethwa kuye isela elalifanele ukunqunywa; wase eyaleza ukuthi kunqunywe isandla salo. Lase lithi: "Mawume kancane, O Mkhuzi wamaKholwa, ngoba phela ngebe ngesimiselo sika-Allah;" Wase ethi u-Umar: "Nathi sinquma ngesimiselo sika-Allah."

Ukukholwa kwiQadar kunezinzuzo ezinkulu, okubalwa kuzo:

Okokuqala: Ukwencika ku-Allah oPhezukonke lapho kwenziwa izimbangela, ngendlela yokuthi umuntu angenciki embangeleni uqobo lwayo; ngoba zonke izinto zingeQadar lika-Allah oPhezukonke.

Okwesibili: Ukuthi umuntu angazikhukhumezi lapho ethola lokho akufisayo; ngoba ukutholakala kwako kuwumusa ovela ku-Allah uMphakeme, ngokwalokho Akumisileyo kwezizathu zokuhle nempumelelo, futhi ukuzikhukhumeza kwakhe kumenza akhohlwe ukubonga lo musa.

Okwesithathu: Ukuzinza nokuthula komphefumulo ngalokho okumehlelayo okuvela emisalweni ka-Allah oPhezukonke; ngakho-ke akakhathazeki ngokulahlekelwa yinto ayithandayo, noma ngokwenzeka kwento engathandeki; ngoba lokho kungokweQadar ka-Allah, okunguye onobukhosi bamazulu nomhlaba, futhi lokho kuyinto okumele yenzeke nakanjani. Futhi ngalokho u-Allah oPhezukonke uthi: "Ayikho inhlekelele eyehlayo emhlabeni noma emiphefumulweni yenu ngaphandle kokuthi isencwadini ngaphambi kokuba siyidale. Ngempela lokho ku-Allah kulula. (22) Ukuze ningadabuki ngalokho okuniphuthelile futhi ningajabuli ngalokho Aninike khona. Futhi u-Allah akamthandi wonke umuntu oziqhenyayo noziqhayisayo." (23) [Al-Hadid:22-23]. Futhi uthi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye): «Kuyamangalisa ngodaba lwekholwa, ngempela udaba lwakhe lonke luhle, futhi lokho akukho komunye ngaphandle kwekholwa; uma ehlelwa yinjabulo uyabonga, bese kuba kuhle lokho kuye, futhi uma ehlelwa ubunzima uyabekezela, bese kuba kuhle lokho kuye»[22]. [22] Ilandiswe nguMuslim: INcwadi yokuZila nokuThambisa kweNhliziyo, Isahluko: Udaba loMkholwa lonke luhle, ngenombolo (2999).

Futhi odabeni lweQadar, kudukile izinhlangothi ezimbili:

Eyokuqala kuzo: ama-Jabriyyah, abathi: inceku iphoqelelwe emisebenzini yayo, futhi ayinayo kuyo intando namandla.

Okwesibili: ama-Qadariyyah, abathi inceku izimele ngezenzo zayo entandweni nasemandleni, nokuthi intando ka-Allah oPhezukonke namandla akhe akunamthelela kukho.

Impendulo yokuphikisa iqembu lokuqala (amaJabriyyah) ngomthetho nangokungokoqobo:

Ngokomthetho weShari'ah: ngempela u-Allah oPhezukonke umisele inceku intando nokuzikhethela, futhi isenzo wasihlanganisa nayo. Wathi u-Allah oPhezukonke: "...Phakathi kwenu kukhona abafisa lomhlaba, naphakathi kwenu kukhona abafisa impilo ezayo..." [Al-Imran:152], Wathi oPhezukonke: Futhi ithi, ‘Iqiniso livela eNkosini yenu, ngakho-ke lowo othandayo makakholwe, futhi lowo othandayo makangakholwa.’ Ngempela thina silungiselele abenzi bokubi uMlilo, odonga lwawo luyobazungeleza... [Al-Kahf:29], Wathi oPhezukonke: "Noma ngubani owenza isenzo esihle, wenzela umphefumulo wakhe, futhi noma ngubani owenza okubi, kuphambene nawo. Futhi iNkosi yakho ayisiye neze umcindezeli ezincekwini." (46) [Al-Fussilat:46].

Kodwa ngokweqiniso: wonke umuntu uyawazi umehluko phakathi kwezenzo zaKhe zokuzikhethela azenzayo ngentando yakhe, okufana nokudla, nokuphuza, ukudayisa, nokuthenga, naphakathi kwalokho okumehlelayo ngaphandle kwentando yakhe, okufana nokuthuthumela ngenxa yomkhuhlane, nokuwa ophahleni. Ngakho-ke, kokuqala ungumenzi ozikhethelayo ngentando yakhe ngaphandle kokuphoqwa, kanti kwesesibili akazikhetheli, futhi akakufuni lokho okumehlele.

Futhi ukuphikiswa kwehlelo lesibili (amaQadariyyah) ngeShari'ah nangengqondo:

Magelana ngokomthetho: u-Allah unguMdali wazo zonke izinto, futhi zonke izinto ziba khona ngentando yakhe. Futhi u-Allah usekucacisile encwadini yakhe ukuthi izenzo zezinceku zenzeka ngentando yakhe, wase ethi oPhezukonke: "...futhi ukube u-Allah wayethanda, labo abaza ngemva kwabo ngabe abazange balwe ngemva kokuba sebefikelwe ubufakazi obucacile, kodwa behlukana, ngakho-ke abanye babo bakholwa kwathi abanye abangakholwanga. Futhi ukube u-Allah wayethanda, ngabe abalwanga, kodwa u-Allah wenza lokho akuthandayo." [Al-Baqarah:253], Wathi oPhezukonke: "Futhi ukuba sathanda, ngempela sasizonika wonke umphefumulo isiqondiso sawo, kodwa lagcwaliseka izwi elivela kimi lokuthi: “Impela ngizogcwalisa isihogo ngamaJinn kanye nabantu bebonke.” (13) [As-Sajdah:13].

Mayelana nengqondo: Indalo yonke ingaphansi kobunikazi buka-Allah, futhi umuntu uyingxenye yale ndalo; ngakho-ke ungaphansi kobunikazi buka-Allah. Futhi akunakwenzeka kulowo ongaphansi kobunikazi ukuba enze ngokuthanda kwakhe embusweni womnikazi ngaphandle kwemvume yakhe nangokwentando yakhe.

*

Izinhloso zenkolelo ze-Islam

Inhloso (ngokolimi): Kuhlanganisa izincazelo eziningana, phakathi kwazo: (injongo ebekelwe ukuhloswa, nayo yonke into eqondiweyo).

Futhi izinhloso zenkolelo ze-Islam yizinjongo nemigomo yayo ezihle etholakala ngokubambelela kuyo, futhi ziningi futhi zehlukahlukene, okubalwa kuzo:

Okokuqala: Ukunikela inhloso nokukhonza ngobuqotho ku-Allah oPhezukonke yedwa; ngoba Yena unguMdali, akanaye umhlanganyeli, ngakho-ke kufanele ukuthi inhloso nokukhonza kube ngokwaKhe Yedwa.

Okwesibili: Ukukhululwa kwengqondo nomcabango ekudidekeni okuyisiphithiphithi okuvela ekungabini khona kwale nkolelo enhliziyweni; ngoba lowo ongenayo le nkolelo, inhliziyo yakhe isala ingenalutho kuzo zonke izinkolelo, ekhonza izinto eziphathekayo kuphela, noma usala edidekile ekudukeni kwezinkolelo nasezinkolelweni-ze.

Okwesithathu: Ukuthula komphefumulo nengqondo, ngakho akukho ukukhathazeka emphefumulweni noma ukuphazamiseka engqondweni; ngoba lenkolelo ixhumanisa okholwayo noMdali wakhe; bese emamukela njengeNkosi enguMphathi noMbusi onguMmisi-mthetho; ngalokho inhliziyo yakhe ithola ukuthula ngesimiselo sakhe, futhi isifuba sakhe sivulekele i-Islam; ngakho-ke akasafuni okunye okungathatha indawo yayo.

Okwesine: Ukulunga kwenhloso nesenzo ekungaphambukini ekukhonzeni u-Allah oPhezukonke, noma ekuphatheni izidalwa; ngoba esinye sezisekelo zako wukukholelwa kuzo izithunywa, okuhlanganisa ukulandela indlela yazo yokulunga enhlosweni nasenzeni.

Okwesihlanu: Ukuqina nokuzimisela ezindabeni, kangangokuthi akaphuthelwa yithuba lesenzo esihle ngaphandle kokuba alisebenzise; enethemba lomvuzo, futhi akaboni ndawo yesono ngaphandle kokuba aqhele kuyo; ngokwesaba isijeziso; ngoba okunye kwezisekelo zako wukukholwa ekuvusweni kwabafileyo, kanye nokuhlawulelwa ngezenzo.

U-Allah oPhezukonke wathi: "Futhi kulowo nalowo kunamazinga ngokwalokho abakwenzile, futhi iNkosi yakho ayisiye onganakile ngalokho abakwenzayo" (132) [Al-An'am:132] Futhi uMphrofethi (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye) wakhuthaza le nhloso esishweni sakhe: "Ikholwa eliqinileyo lingcono futhi lithandeka kakhulu ku-Allah kunekholwa elibuthakathaka, futhi kukho kokubili kunobuhle. Phikelela kulokho okukuzuzisayo, cela usizo ku-Allah, futhi ungapheli amandla. Futhi uma kukhona okwehlelayo, ungasho ukuthi: ‘Ukube bengenze kanje ngabe kube kanje nakanje,’ kodwa yithi: ‘U-Allah unqumile, futhi Wenza lokho akuthandileyo’; ngoba impela (ukube) kuvula umsebenzi kaShaytaan." Ibikwe nguMuslim, ngenombolo (23). [23] Ilandiswe nguMuslim: Incwadi yeQadar, Isahluko esiphathelene nomyalo wokuba namandla, nokuyeka ubuthakathaka, nokufuna usizo ku-Allah, nokunikela iziphetho ku-Allah, ngenombolo (2664).

Okwesithupha: Ukwakha isizwe esinamandla esidela konke okuyigugu nokungatheni ekugxiliseni inkolo yaso, nasekuqiniseni izinsika zayo, singanaki okusehlelayo endleleni yalokho, futhi kulokhu u-Allah oPhezukonke uthi: "Ngempela abakholwayo yilabo abakholelwe ku-Allah nasesiThunyweni sakhe, bese bengangabazi futhi balwela ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo endleleni ka-Allah. Yilabo-ke bona abaneqiniso." (15) [Al-Hujurat:15].

Okwesikhombisa: Ukufinyelela enjabulweni yalomhlaba nase-Ākhirah ngokulungisa abantu ngabanye kanye nemiphakathi, nokuzuza umvuzo nezinto ezihloniphekile. Futhi mayelana nalokho, wathi u-Allah oPhezukonke: "Noma ngubani owenza isenzo esihle, engaba owesilisa noma owesifazane, futhi eyikholwa, ngakho-ke ngempela siyomphilisa impilo enhle, futhi ngempela siyobavuza ngomvuzo wabo ngokungcono kakhulu kwalokho ababekwenza" (97) [An-Nahl:97].

Lezi ngezinye zezinhloso zenkolelo ze-Islam, siyacela ku-Allah oPhezukonke ukuthi azifeze kithina, nakubo bonke abakholwayo; ngempela Yena ungoPhanayo, uNesihle, futhi udumo lonke lungoluka-Allah, iNkosi yemihlaba.

Futhi ukuthula nezibusiso zika-Allah makube phezu kukaMphrofethi wethu uMuhammad, nomndeni wakhe nabangani bakhe bebonke.

Kubhalwe ngumbhali wayo.

uMfundisi uMuhammad Al-Salih Al-Uthayimeen