Egameni lika-Allah, Onomusa, Onesihawu.
I-Islam inkolo yeNkosi yemihlaba.
Lo ngumbuzo omkhulukazi owake waba khona; futhi uwumbuzo obaluleke kakhulu okufanele umuntu azi impendulo yawo.
INkosi yethu nguye owadala amazulu nomhlaba, futhi wehlisa amanzi evela ezulwini wabe esekhipha ngawo izithelo nezihlahla zaba wukudla kwethu nokwezilwane esizondla ngazo, Nguye owasidala wadala nobaba bethu, wadala yonke into, nguye owamisela ubusuku nemini, futhi nguye owenza ubusuku bube yisikhathi sokulala nokuphumula, nemini ibe yisikhathi sokufuna isondlo nokuziphilisa, Nguye owasibekela ilanga, inyanga, izinkanyezi nezilwandle, wasibekela izilwane esidla kuzo, futhi sizuze ngobisi lwazo nangoboya bazo.
Yiziphi izimfanelo zeNkosi yemihlaba?
INkosi ingulowo owadala indalo, futhi Nguye obaholela eqinisweni nasekuqondisweni, futhi Nguye ophatha izindaba zazo zonke izidalwa, futhi Nguye ozondlayo, futhi Nguye uMbusi wako konke okusempilweni yaleli zwe nakulokho okuseLizayo, futhi yonke into ingokwaKhe, futhi konke okunye ngaphandle kwaKhe kungaphansi kombuso waKhe, Futhi Yena unguPhilayo ongafi futhi ongalali, futhi Nguye oMi NgokwaKhe, lowo ukuma kwayo yonke into ephilayo kungomyalo waKhe, futhi Nguye omusa waKhe uhaqa konke, futhi Nguye okungekho lutho olufihlekile kuye emhlabeni noma ezulwini. Akukho lutho olufana Naye; Yena unguNgokuzwayo, unguNgokubonayo, futhi Yena ungaphezu kwamazulu akhe, uzimele akadingi ndalo yakhe, kanti indalo iyamdinga. Akahlali ngaphakathi kwendalo yakhe, futhi akukho lutho oluvela endalweni yakhe oluhlala ebuqwini bakhe, Makadunyiswe futhi uPhakeme. INkosi iyona eyadala lo mhlaba obonakalayo nazo zonke izinhlelo zawo ezilinganiselwe ezingaphuthi, kungaba izinhlelo zomzimba womuntu nowesilwane, noma izinhlelo zeNdalo yonke esizungezile kanye nelanga layo, nezinkanyezi zayo, nazo zonke ezinye izakhi zayo.
Futhi ngempela konke okukhonzwayo ngaphandle kwakhe kona akunamandla okuzuzisa noma ukulimaza khona uqobo, pho kungaba kanjani namandla okuzuzisa lowo okukhonzayo, noma ukuxosha ukulimaza kuye.
Liyini ilungelo leNkosi yethu kithina?
Impela, ilungelo Lakhe kubo bonke abantu ukuthi bamkhonze Yena yedwa futhi bangamhlanganisi nalutho, ngakho-ke bangakhonzi ngaphandle Kwakhe noma kanye Naye umuntu, noma itshe, noma umfula, noma into engaphili, noma inkanyezi, noma yini enye, kodwa kunalokho kufanele benze ukukhonza kube okuka-Allah kuphela, iNkosi yemihlaba.
Liyini ilungelo labantu eNkosini yabo?
Ngempela ilungelo labantu ku-Allah uma bemkhonza wukuthi abanikeze impilo enhle abathola kuyo ukuphepha, ukulondeka, ukuthula, ukuzola, nokwaneliseka, kanti e-Akhirah ukuba abangenise eZulwini, lapho kukhona injabulo engunaphakade nokuhlala unaphakade, kanti uma bamonayo baphula umyalo waKhe wenza impilo yabo ibe wusizi nokuhlupheka ngisho noma becabanga ukuthi basenjabulweni nasekunethezekeni, futhi e-Akhirah uyobangenisa eSihogweni abangeke baphume kuso, futhi okwabo lapho yisijeziso esingunaphakade, nokuhlala unaphakade.
Iyini injongo yokuba khona kwethu? Futhi kungani sadalwa?
Ngempela iNkosi ePhanayo yasitshela ukuthi yasidala ngenjongo ehloniphekile, okuwukuthi simkhonze Yedwa, futhi singamhlanganisi nalutho, nokuthi yasithwesa isibopho sokwakha nokuthuthukisa umhlaba ngobuhle nangokulungisa. Ngakho-ke lowo okhonza okunye ngaphandle kweNkosi noMdali wakhe akayazanga injongo adalelwe yona, futhi akasifezanga isibopho sakhe kuMdali wakhe, kanti nalowo owenza ukonakala emhlabeni akawazanga umsebenzi athweswe wona.
Siyikhonza kanjani iNkosi yethu?
Ngempela iNkosi uSomandla ayisidalanga yabe isisishiya dengwane, futhi ayenzanga impilo yethu ibe yize, kunalokho, yakhetha ebantwini iziThunywa eziya kubantu bazo, ezingabantu abaphelele kakhulu ngokuziphatha, abanemiphefumulo emsulwa kakhulu, nabanezinhliziyo ezihlanzeke kakhulu, yase yembula kuzo imiyalezo yaKhe, yabandakanya kuyo konke okumele abantu bakwazi ngeNkosi uSomandla, nangokuvuswa kwabantu ngoSuku lokuVuka, okuwusuku lokubalwa kwezenzo kanye nomvuzo, Futhi iziThunywa zadlulisela kubantu bazo ukuthi bayikhonza kanjani iNkosi yabo, zabachazela izindlela zokukhonza, izikhathi zazo, nomvuzo wazo kulo mhlaba nakwelizayo, zabaxwayisa kulokho iNkosi yabo eyakwenqabela kubona kwezokudla, iziphuzo nezokushada, futhi zabaqondisa kuzimilo ezinhle, zabenqabela kuzimilo ezimbi.
Iyiphi inkolo eyemukelwayo kuyiNkosi oPhakeme Okhazimulayo?
Inkolo eyamukelekayo ku-Allah yi-Islam, futhi iyona nkolo eyadluliselwa yibo bonke abaphrofethi, futhi u-Allah akamukeli Ngosuku lokuVuka enye inkolo ngaphandle kwayo, futhi yonke inkolo eyamukelwa ngabantu ngaphandle kwe-Islam iyinkolo eyize, ayimzuzisi umlandeli wayo, kodwa iba wusizi kuye emhlabeni nakwelizayo.
Yiziphi izisekelo zale nkolo (i-Islam) nezinsika zayo?
Le nkolo u-Allah uyenze yaba lula ezincekwini zaKhe, ngakho okukhulu kunazo zonke izinsika zayo: wukuthi ukholwe ku-Allah njengeNkosi nanjengoFanele ukukhonzwa ngeqiniso, nokuthi ukholwe ezingelosini zaKhe, nasezincwadini zaKhe, nasezithunyweni zaKhe, nakuSuku lokuGcina, nakwiQadar, nokuthi ufakaze ukuthi akukho ofanele ukukhonzwa ngeqiniso ngaphandle kuka-Allah nokuthi uMuhammad uyisiThunywa sika-Allah, nokuthi umise iSalāh, nokuthi ukhiphe iZakat uma unemali okufanele ikhishelwe iZakat, nokuthi uzile iRamadhan, okuyinyanga onyakeni, nokuthi wenze iHajj ngenxa ka-Allah eNdlini eNgcwele eyakhiwa ngu-Ibrahim (ukuthula kube kuye) ngomyalo weNkosi yakhe, uma unamandla okwenza njalo, Futhi ugweme lokho u-Allah akwenqabele wena okufana neShirk, ukubulala umphefumulo, iZina, kanye nokudla imali eyiHaram. Ngakho-ke, uma ukholelwa ku-Allah futhi wenza lezi zenzo zokukhonza, uphinde ugweme lezi zinto ezenqatshelwe, ungumMuslim kulo mhlaba, futhi ngoSuku Lokuvuka u-Allah uzokunikeza intokozo engapheli kanye nokuphila kwaphakade eZulwini.
Ingabe i-Islam iyinkolo yesizwe noma yohlanga?
I-Islam iyinkolo ka-Allah kubo bonke abantu, akekho umuntu ophakeme kunomunye kuyo ngaphandle kwangokwesaba u-Allah nezenzo ezilungileyo, futhi abantu bayalingana kuyo.
Abantu babazi kanjani ubuqotho beziThunywa, ukuthula nezibusiso makube kubo?
Abantu bazi ubuqiniso bezithunywa ngezindlela ezahlukahlukene, okubalwa kuzo:
Ukuthi lokho abeza nako okuyiqiniso nesiqondiso kwamukelwa yizingqondo nemvelo yomuntu engokwemvelo, futhi izingqondo zifakaza ngobuhle bako, futhi akekho omunye ngaphandle kwezithunywa oza nokufana nalokho ezeza nako.
Ukuthi kulokho okwalethwa yiziThunywa kukhona ukulunga kwezinkolo zabantu nempilo yabo yasemhlabeni, nokuqondiseka kwezindaba zabo, nokwakhiwa kwempucuko yabo, nokuvikelwa kwezinkolo zabo, nezingqondo zabo, nengcebo yabo, kanye nesithunzi sabo.
Ukuthi iziThunywa, ukuthula kube phezu kwazo, aziceli umvuzo kubantu ngokubakhombisa kwazo okuhle nesiqondiso, kunalokho, zilindele umvuzo wazo eNkosini yazo.
Ngempela lokho okwalethwa yizithunywa kuyiqiniso nesiqiniseko okungenakho ukungabaza, akuphikisani futhi akungqubuzani, futhi wonke umPhrofethi uqinisekisa abaPhrofethi ababengaphambili futhi ubizela kokufana nalokho ababebizela kukho.
Ukuthi u-Allah usekela izithunywa (ukuthula makube kubo) ngezibonakaliso ezicacile nezimangaliso ezinqobayo lezo ezenziwa ngu-Allah ezandleni zabo; ukuze zibe ngubufakazi bobuqotho bokuthi bayizithunywa ezivela ku-Allah, futhi isimangaliso esikhulu kunazo zonke ezimangalisweni zabaphrofethi yisimangaliso sesiThunywa sokugcina uMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye), okuyi-Qur'an eNgcwele.
IQur'an eNgcwele iyincwadi yenkosi yemihlaba, futhi iyizwi lika-Allah eyehla nalo ingelosi uGabrieli (ukuthula makube kuye) esithunyweni uMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye), futhi kuyo kukhona konke u-Allah akwenze kwaba yisibopho kubantu ukukwazi ngo-Allah, nezingelosi zakhe, nezincwadi zakhe, nezithunywa zakhe, noSuku lokuGcina, kanye nokumiselwe, okuhle kwakho nokubi kwakho, Futhi iqukethe izenzo zokukhonza eziyisibopho, nezinqabelo okufanele zixwaywe, nokuziphatha okuhle nokusolekayo, nakho konke okuphathelene nezindaba zenkolo yabantu nempilo yabo yakulo mhlaba, nakweLizayo, futhi iyincwadi eyisimangaliso u-Allah waphonsa inselelo kubantu ukuthi balethe okufana nayo, futhi igcinwe kuze kube uSuku lweQiyama ngolimi eyembulwa ngalo, akukho nolulodwa uhlamvu olususwe kuyo, futhi akukho negama elilodwa elishintshiwe kuyo.
Buyini ubufakazi bokuvuswa nokwahlulelwa?
Awuboni yini ukuthi umhlaba ufile, kungekho kuwo impilo, kuthi lapho kwehla amanzi phezu kwawo, unyakaze umilise zonke izinhlobo zezitshalo ezinhle, ngempela Lowo owawuphilisayo unamandla okuphilisa abafileyo, Ngempela Lowo owadala umuntu ngeconsi lamanzi abukelekayo unamandla okumvusa ngoSuku lweQiyamah bese emehlulela futhi amvuze ngomvuzo ophelele, uma kukuhle kube okuhle, kanti uma kukubi kube okubi, Ngempela Lowo owadala amazulu nomhlaba nezinkanyezi unamandla okudala kabusha umuntu; ngoba ukudala kabusha umuntu okwesibili kuyinto elula kakhulu kunokudala amazulu nomhlaba.
Luyini usuku lokuvuka kwabafileyo?
U-Allah oPhezukonke uyovusa izidalwa emangcwabeni azo, bese ezihlulela ngezenzo zazo; ngakho-ke lowo okholwayo aqinisekise iziThunywa uyomngenisa eZulwini, elinebumnandi obungapheli obungeke bufike engqondweni yomuntu ngenxa yobukhulu babo, kanti lowo ophika ukholo uyomngenisa eMlilweni, onokuhlushwa okungunaphakade okungeke kucatshangwe ngumuntu. Futhi uma umuntu engena eZulwini noma eMlilweni, ngeke afe naphakade, kodwa uyohlala unaphakade ebumnandini noma ekuhlushweni.
Uma umuntu efisa ukungena kwi-Islam, yini okufanele ayenze, futhi ngabe ikhona imicikilisho okuyimpoqo ukuthi ayenze, noma abantu okufanele bamnike imvume?
Uma umuntu azi ukuthi inkolo yeqiniso yi-Islam, nokuthi iyinkolo yeNkosi yemihlaba, kufanele asheshise ukungena e-Islam; ngoba umuntu onengqondo uma iqiniso selicacile kuye, kufanele aphuthume kulo, futhi angaluhlehlisi lolu daba, Futhi lowo ofisa ukungena kwi-Islam akudingeki kuye ukuba enze amasiko athile, futhi akudingeki ukuba kube phambi kwanoma ngubani endalweni, kodwa uma lokho kwenzeka phambi kweMuslim noma esikhungweni se-Islam kungcono kakhulu, kungenjalo, kwanele kuye ukuthi athi: “Ngiyafakaza ukuthi akukho ofanele ukukhonzwa ngeqiniso ngaphandle kuka-Allah, futhi ngiyafakaza ukuthi uMuhammad uyisiThunywa sika-Allah,” ekwazi incazelo yalamazwi futhi ekholwa yiwo. Ngalokho uba y-iMuslim. Bese efunda neminye imithetho ye-Islam kancane kancane ukuze afeze lokho u-Allah akwenze kwaba yimpoqo phezu kwakhe.
Ngemininingwane eyengeziwe :