Inkolo yemvelo yomuntu, yengqondo, neyenjabulo.
Egameni lika-Allah, Onomusa, Onesihawu.
Ubani owadala amazulu nomhlaba nakho konke okukuzo okuyizidalwa ezinkulu? Futhi ubani owadala lolu hlelo olucikicikile noluphelele kuzo?
Kanjani lendawo yonke enkulu ihleleka futhi izinze ngemithetho yayo eyilawula ngobunyoninco obukhulu ngokuhamba kweminyaka?
Ingabe le ndawo yonke yazidala yona? Noma yavela ebuzeni? Noma yaba khona ngokuzenzakalela?
Ubani owabeka lolu hlelo olucikicikile ezithweni zomzimba wakho nasemizimbeni yezidalwa eziphilayo?
Akukho muntu ohluzekile engqondweni ongakwemukela ukutshelwa ukuthi: le ndlu yazakhela yona! Noma kuthiwe kuye: ubuze yibo obuyakhile le ndlu! Pho abanye abantu babakholwa kanjani labo abathi: le ndawo yonke enkulu kangaka yaba khona ngaphandle koMdali? Umuntu ohluzekile engqondweni angakwemukela kanjani ukutshelwa ukuthi: konke lokhu kuhleleka okuqondile kwendawo yonke kwavele kwazenzekela?
Ngokuqinisekile kukhona iNkosi enkulu enguMdali noMphathi wale ndawo yonke nakho konke okukuyo, futhi nguye u-Allah Okhazinyulisiwe Nophakeme.
Futhi iNkosi uSomandla yasithumelela izithunywa futhi yembula kubo izincwadi zaphezulu (isambulo), futhi eyokugcina kuzo yiQur'an eNgcwele, u-Allah ayembula kuMuhammad, isithunywa sokugcina sika-Allah, futhi ngezincwadi zaKhe nezithunywa zaKhe:
⦁Wasazisa ngoBuntu baKhe, izimfanelo zaKhe kanye nelungelo laKhe phezu kwethu, futhi wacacisa ilungelo lethu kuYe.
⦁Futhi wasiqondisa ukuthi Yena uyiNkosi eyadala indalo, nokuthi Yena unguPhilayo ongafi, futhi indalo isekulawuleni kwaKhe okuphelele, ingaphansi kokubusa kwaKhe okungenakuphikiswa nasekuphatheni kwaKhe.
Futhi Wasazisa ukuthi phakathi kwezimfanelo zaKhe kunolwazi oluphelele oluhlanganisa zonke izinto, nokuthi Yena unguMuzwi wakho konke, uMboni wakho konke; akukho lutho olufihlekile kuye emhlabeni noma ezulwini.
Futhi iNkosi inguPhilayo, lowo impilo yazo zonke izidalwa ivela Kuye Yedwa, uDumo malube Kuyo, nokuthi Nguye oMi NgokwaKhe, lowo impilo yazo zonke izidalwa imi Ngaye, uDumo malube Kuyo. Wathi oPhakeme: "U-Allah! Akekho unkulunkulu (ofanele ukukhonzwa) ngaphandle kwaKhe, Ophila Phakade, uMondli Wakho Konke. Akamenqeli ukozela futhi akalali. KungokwaKhe konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni. Ngubani ongancengela phambi kwaKhe ngaphandle kwemvume yaKhe na? Wazi okungaphambili kwabo nokungemuva kwabo, futhi abaluhaqi lutho olusolwazini lwaKhe ngaphandle kwalokho akuthandayo. Isihlalo saKhe Sobukhosi siyakhaqa amazulu nomhlaba, futhi ukukulondoloza kokubili akumkhathazi. Futhi Yena ungoPhezukonke, uMkhulukazi." [Surah Al-Baqarah:255].
Futhi Wasitshela ukuthi Yena uyiNkosi enezimfanelo zokuphelela, futhi wasiphila izingqondo nezinzwa eziqonda izimangaliso zendalo YaKhe namandla aKhe, okusikhombisa ubukhulu baKhe, namandla aKhe, nokuphelela kwezimfanelo zaKhe, futhi wafaka kithina imvelo yokuzalwa eyinkomba yokuphelela kwaKhe, nokuthi Yena akanakuchazwa ngokungapheleli.
⦁Futhi safunda ukuthi iNkosi ingaphezu kwamazulu ayo, ayikho ngaphakathi ezweni, futhi nezwe alihlali kuyo.
⦁Futhi Wasitshela ukuthi kumele sizithobe kuye Okhazinyulisiwe, ngoba Yena unguMdali wethu, noMdali wendawo yonke, nomhleli wayo.
Ngakho-ke uMdali unezimpawu zobukhulu, futhi ngeze achazwa ngesidingo noma ngokuntula, iNkosi ayikhohlwa, ayilali futhi ayidli kudla, futhi akunakwenzeka ukuba ibe nomfazi noma indodana; futhi yonke imibhalo equkethe okuphambene nobukhulu boMdali ayiveli esambulweni esiyiqiniso esalethwa izithunywa zika-Allah, ukuthula makube phezu kwazo.
Uma ukholwa eNkosini uMdali... ingabe wake wazibuza ngenjongo yokudalwa kwakho? Futhi yini u-Allah ayifunayo kithina, futhi iyini injongo yokuba khona kwethu?
Ingabe kunengqondo ukuthi u-Allah wasidala wabe esesishiya siduka? Ingabe kunengqondo ukuthi wadala zonke lezi zidalwa ngaphandle kwenjongo?
Iqiniso ukuthi iNkosi enguMdali Omkhulu, u-Allah, wasitshela ngenjongo yokusidala kwaKhe, okuwukuthi ukukhonza u-Allah Yedwa, nokuthi yini ayifunayo kithina! Futhi wasazisa ukuthi Nguye yedwa ofanele ukukhonzwa, wasichazela ngeziThunywa zaKhe, ukuthula kube phezu kwazo, ukuthi simkhonza kanjani? Nokuthi sisondela kanjani kuye ngokulandela imiyalo yaKhe nokugwema lokho akwenqabelayo? Nokuthi sikuzuza kanjani ukuthokoza kwaKhe? Nokuthi sisixwaya kanjani isijeziso saKhe, futhi wasazisa ngesiphetho sethu emva kokufa?
Futhi wasazisa ukuthi le mpilo yasemhlabeni iyisivivinyo nje, nokuthi impilo yangempela ephelele iyoba se-Akhirah ngemuva kokufa.
Futhi wasazisa ukuthi lowo okhonza u-Allah njengoba amyala, futhi agweme lokho amwenqabele khona, uyoba nempilo enhle kulomhlaba nobumnandi obungapheliyo e-Akhirah. Kanti lowo ongamulaleli futhi angakholwa kuYe, uyoba nenhlupheko kulomhlaba, nesijeziso esingapheliyo e-Akhirah.
Futhi ngenxa yokuthi siyazi ukuthi ngeke siqhubeke kule mpilo yasemhlabeni ngaphandle kokuba umuntu ngamunye athole umvuzo walokho akwenzile, kokuhle noma kokubi; kungabikho isijeziso kwabenza okubi, nomvuzo kwabenza okuhle?
Lowo obuka lokho okukhonzwa abantu abaningi namuhla; uthola lo ekhonza umuntu, omunye ekhonza isithixo, nomunye ekhonza inkanyezi, njalo njalo. Akufanele ukuba umuntu onengqondo akhonze omunye ngaphandle kweNkosi yemihlaba, oPheleleyo ezimpawini zayo; pho angakhonza kanjani isidalwa esinjengaye, noma esiphansi kunaye! Okhonzwayo akangabi umuntu noma isithixo noma isihlahla noma isilwane
Ngakho-ke zonke izinkolo abantu abakhonza ngazo namuhla -ngaphandle kwe-Islam, u-Allah akazamukeli, ngoba ziyizinkolo ezenziwe umuntu, noma izinkolo ezazivela kuNkulunkulu zase ziphazanyiswa isandla somuntu. Ngokuqondene ne-Islam, iyinkolo yeNkosi yemihlaba yonke engaguquki futhi engashintsheki, futhi incwadi yale nkolo yiQur’an ehloniphekile, iyincwadi elondoloziwe njengoba yambulwa ngu-Allah futhi isesezandleni zamaMuslim kuze kube namuhla ngolimi eyambulelwa ngalo kusiThunywa sokugcina.
Enye yezisekelo ze-Islam ukukholelwa kuzo zonke izithunywa ezathunyelwa ngu-Allah, bona bonke bengabantu, u-Allah wabasekela ngezibonakaliso nezimangaliso, futhi wabathuma ukuze babizele ekumkhonzeni Yena kuphela, ongenamlingani. IsiThunywa sokugcina yisiThunywa uMuhammad (ukuthula nezibusiso zika-Allah makube kuye), u-Allah wamthumela nomthetho ongcwele wokugcina, ochitha imithetho yeziThunywa ezamandulela, futhi wamsekela ngezibonakaliso ezinkulu. Esikhulu kunazo zonke yiQur'an ehloniphekile, Izwi leNkosi yendalo yonke, incwadi enkulu kunazo zonke ezaziwa ngabantu, iyisimangeliso ngalokho ekuqukethe, nangamazwi ayo, nasekuhlelweni kwayo, nasezimisweni zayo. Kuyo kunokuholelwa eqinisweni elifinyelelisa enjabulweni yakulomhlaba nakwelizayo, futhi yembulwa ngolimi lwesi-Arabhu.
Futhi kunobufakazi obuningi obunengqondo nobengokwesayensi obufakazela ngaphandle kokungabaza ukuthi le Qur'an iyizwi loMdali, udumo malube kuye, OPhakeme, nokuthi ayinakuba umsebenzi wabantu.
Okunye kwezisekelo ze‑Islam ukukholelwa eziNgelosini nokukholelwa oSukwini Lokugcina, lapho u‑Allah Ezovusa abantu emangcwabeni abo ngoSuku Lokuvuka ukuze Abahlulele ngezenzo zabo. Ngakho-ke, lowo owenza izenzo ezilungile ekubeni eyikholwa, okwaKhe yinjabulo engapheli eZulwini; kanti lowo ophikayo wenza izenzo ezimbi, okwaKhe yisijeziso esikhulu eMlilweni. Futhi phakathi kwezisekelo ze‑Islam kukhona ukukholelwa kulokho u‑Allah akunqumile, kungaba okuhle noma okubi.
Inkolo yobuMuslim iyindlela yokuphila ephelele, evumelana nemvelo yokudalwa komuntu kanye nengqondo, futhi yamukelwa yimiphefumulo eqotho. Yasungulwa uMdali Omkhulu ezidalweni zaKhe, futhi iyinkolo yokulunga nenjabulo kubo bonke abantu kulo mhlaba nakwelizayo. Ayibandlululi ngokobuhlanga noma ngokwebala, futhi abantu bayalingana kuyo. Akekho umuntu ophakeme kunomunye enkonzweni yobuMuslim ngaphandle kwenani lezenzo zaKhe ezinhle.
Futhi u‑Allah ugcizelela kwiQur’an eNgcwele ukuthi kuphoqelekile ukukholelwa ku‑Allah njengeNkosi noMkhonzwa, nase‑Islam njengenkolo, nakuMuhammad (ukuthula nezibusiso zika‑Allah kube kuye) njengesiThunywa, nokungena e‑Islam. Lokhu kuyinto umuntu angenakho ukuzikhethela kuyo. Futhi ngoSuku Lokuvuka kukhona ukwahlulelwa nomvuzo; ngakho-ke, uma engumkholwa oqotho, okwaKhe kuyoba ukunqoba nempumelelo enkulu, kodwa uma engumngakholwa, okwaKhe kuyoba ukulahlekelwa okusobala.
Futhi lowo ofisa ukungena kwi‑Islam kufanele athi: “Ngiyafakaza ukuthi akukho ofanele ukukhonzwa ngeqiniso ngaphandle kuka‑Allah, futhi ngiyafakaza ukuthi uMuhammad uyisiThunywa sika‑Allah,” ekwazi incazelo yalamazwi futhi ekholwa yiwo. Ngalokhu uba yiMuslim. Bese efunda neminye imithetho ye‑Islam kancane kancane ukuze afeze lokho u‑Allah akwenzé kwaba yimpoqo phezu kwakhe.
Ngemininingwane eyengeziwe: